Ubumnandi buxoshise uZungu phesheya koThukela


Bese kuyisikhathi engekho esikimini okugcine exoshwa
Uxoshiwe umdlali we-Orlando Pirates, uNkanyiso “Pelembe” Zungu obebolekiswe kuRichards Bay Football Club.
UZungu ujoyine iNatal Rich Boyz ekuqaleni kwesizini. KweZimnyama ubelizwa ngendaba ijezi.
Umthombo welaboHlanga ongashayi eceleni uhlebele leli phephandaba ukuthi uZungu ukhonjwe indlela kuleli qembu elizinze phesheya koThukela.
“UZungu usegcine exoshiwe kuRichards Bay. Ubesehluphe kakhulu. Amacala akhe abewuxhaxha. Ubefika ejimini edle amanzi aphonjwana kwesinye isikhathi. Iqembu limbekezelele kakhulu lo mfana. Abaqeqeshi nezikhulu zeqembu bezimkhonzile ngenxa yekhono lakhe kodwa nazo zigcine zinengeka ngendlela aziphatha ngayo zabona kungcono zimkhulule,” kuchaza umthombo.
IRichards Bay idonsa kanzima kulezi zinsuku. IRich Boys isidlale imidlalo eli-12 inganqobi.
Selokhu yagcina ukuphumelela umdlalo mhla lolunye kuMasingana zithela othulini iMarumo Gallants. Kusukela lapho ayikaze iphinde inqobe.
“UZungu ubezenzela umathanda. Uma iqembu lihamba ngebhasi lonke emidlalweni yesihle ubevele azifikele ngemoto yakhe. Nalapho ebeqashe khona ugcine exoshwa ngoba umnikazi wendawo ekhala ngomsindo. Yebo bese bembekezelele kakhulu ngale mikhuba yakhe,” kubeka umthombo.
UZungu kudala agcina ukubonakala esikimini.
“Izikhulu zeBay zibhalele iPirates ziyazisa ngesinqumo sokukhulula lo mdlali. Akwaziwa ukuthi uzobuyela yini kuPirates noma uzosale eselinda kuphele isizini ngoba vele sekusele imidlalo emincane bese ebuyela eqenjini lakhe,” kuqhuba umthombo.
Ngeledlule iBay iphunyukwe yiqatha emlonyeni ibambana neMaritzburg United ngo 1-1 emdlalweni wabakhaya obuseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
ITeam of Choice ibuye seliyoshona ngemizuzu yokugcina iBay isizitshelile ukuthi amaphuzu sekungawayo. Kuthe ngoLwesibili iBay yaphinde yaguqiswa ompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns ngegoli elilodwa eqandeni. “UZungu unekhono kodwa inkinga uhlushwa yikhanda nokuthanda impilo yasebusuku. Yingakho nePirates ithathe isinqumo sokumbolekisa. Ibinethemba lokuthi mhlawumbe uzoshintsha kodwa kwazifanela. Uma eqhuba kanje nePirates izogcina iphoqeleka ukuthi imkhulule. Lokhu kungabeka ikusasa lakhe engcupheni ngoba alikho iqembu elizofuna ukusebenza nomdlali ongakwazi ukuziphatha,” kusho umthombo.
IBay isidinga amaphuzu amathathu ukuze iqinisekise indawo yayo kuDSTV Premiership ngesizini ezayo.
Izobhekana neChippa United, Royal AM neCape Town City emidlalweni yayo emithathu yokugcina.
INatal Rich Boys ikhuphukele esigabeni esikhulu kule sizini kulandela ukudla umhlanganisa kuMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule ngaphansi kobuholi bukaPitso Dladla.
Ekuqaleni kwesizini, iBay ibivutha ingabaselwe isobozela kwasani olubhayizela phambi kwayo. Lokhu kuyisizile yakwazi ukuqoqa amaphuzu kusakhanya.
Yingakho namanje kungekubi kangako yize idonsa kanzima. Yasebenza kusakhanya.