Now Reading
Usabona konke kuhamba ngononina kuMkhumbane Classic uMncwango
Dark Light

Usabona konke kuhamba ngononina kuMkhumbane Classic uMncwango

UThobani Mncwango ongumgadli weMkhumbane Classic okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal, ubonga ukuhlonishwa akunikezwa ileli qembu nomphathi walo uSithembiso “Mashalofu” Mabaso.

Lo mgadli odlale iminyaka eyi-8 esigabeni esiphezulu, usadlale imidlalo eyisithupha kodwa nguye osengukaputeni woMkhumbane Classic.

“Usihlalo weqembu uMabaso ungomunye wabantu engingasoze ngabakhohlwa, ukwazile ukuthi angitshengise enkulu inhlonipho. Wasuka lapha eThekwini weza ekhaya KwaNongoma, ukuthi azonginxenxa ukuthi ngijoyine leli qembu. Lapho bengidlala eqenjini langasekhaya iNjampela FC, indlela akhuluma ngayo nami yiyo eyaholela ekutheni ngigcine ngijoyina leli qembu. Ngiphinde ngakhonjiswa ukuhlonishwa ngokuthi nginikezwe ibhande, okuyinto eyabe ngingayilindele ngoba ngifike iqembu selidlale imidlalo eli-10. Ngalokho ingakho noma emasontweni edlule benginenkinga yomqala kodwa ngothando lakhe usihlalo, ngathi uma ngidingakala enkundleni ngizodlala kungcono ngifele khona” kusho uMncwango.

Kuleli qembu lo mgadli emdlalweni eyisithupha ayidlalile usevalele phakathi amagoli amahlanu. Ugila lezi zimanga nje usuka kwiNjampela nakhona, ubenze esifanayo eshaya amagoli amahlanu kwimidlalo eyisithupha.

UMncwango wayeseqenjini leBaroka FC elahlula iKaizer Chiefs kuNedbank Cup ngonyaka wezi-2011, kanti uke wagijima kwiBlack Leopards, iPolokwane City, iBidvest Wits neCape Town Spurs.

Uphinde wancoma indlela umqeqeshi waleli qembu ayibambe ngayo okunguDominic Isaacs, owayeyisitobha seChiefs.

“Ngeke ngamshiya ngaphandle u-Isaacs ngokubambisana noSithembiso “Imoto entshontsha imali” Ngcobo, kuyasho ukuthi balidlalile ibhola. Indlela abaqeqesha ngayo ayihlukile neyalaba abaqeqeshi abangiqeqeshe kuPSL, engibala nabaqhamuka phesheya kwezilwandle. Leli iqembu elibumbene kakhulu elingabhekana nanoma inaliphi iqembu” kusho uMncwango.

Ngokwenzeke ngeledlule uthe ngeke kuwuphazamise umgqigqo wabo.

Leli qembu belidlala  ekuhambeni ePort Shepstone neHappy Wanderers, kodwa iqembu lasekhaya sekudlalwe imizuzuz engaphezulu kwengama-30 lavele ladikibala laphuma enkundleni.

“Besilindele ukuthi khona into engenzeka ngoba ngisho uqala umdlalo iHappy Wanderers, ibisebenzisa amakhadi angumkokotelo. Iphinde yakhipha abafana ababheke amabhola enkundleni, emva kwalokho  umphathi ongumqeqeshi wayo wavele wabiza abadlali ukuthi abaphume enkundleni. Kwabona abadlali bavele bathuka, ngisho nabalandeli balo iqembu bavele bangazi ukuthi benzeni. Inhloso yethu bebengafuni sishaye amagoli amaningi kubona ngoba sisembangweni weligi, kodwa lokho ngeke kusithene amandla” kubeka uMncwango.

See Also

Emdlalweni olandelayo leli qembu elidume ngokugcwalisa inkundla, lizovovana inkani neSummerfield Dynamos kozoba seSugar Ray Xulu Stadium eClermont kusasa ngoMgqibelo ngelesi-3 ntambama.

UMncwango uthe balindele umdlalo oshubile kakhulu, bazimisele ukuqhubeka nokunqoba.

Okwamanje lisendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-33 emva kwemidlalo eli-15, uma ligcina lithola amaphuzu amathathu ecaleni okushone elayizolo ngoLwesine lihlezi elithinta lona neHappy Wanderers lizokuba namaphuzu angama-36 lisale ngelilodwa kuMilford ehlezi phezulu ngama-37. ISummerfield Dynamos yona inamphuzu angama-34 emdlalweni eli-16.

UMncwango ubalule le ligi njengenzima kakhulu nakholelwa ukuthi baningi abadlali abadlala kuDStv Premiership, abangafike bethwale kanzima.

Scroll To Top