Now Reading
Bangahle bazibeke ethubeni lokuqopha omunye umlando
Dark Light

Bangahle bazibeke ethubeni lokuqopha omunye umlando

Okaputeni bamaProteas, uTemba Bavuma noBongiwe Msomi basethubeni lokulandela ezinyathelweni zikaSiyamthanda Kolisi.

AmaProteas azobhekana neqembu lesizwe laseHolland ngenyanga ezayo emidlalweni emibili emqoka yosuku olulodwa njengoba ehlungela ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba ngasekupheleni konyaka kwelaseNdiya.

Ngo-2019, uKolisi uphenduke isilomo ephakamisa isicoco seNdebe yoMhlaba naMabhokobhoko.

Emlandweni webhola lombhoxo ube ngukaputeni wokuqala omnyama. Uphinde waba ngukaputeni wesithathu waMabhokobhoko ukuqukula iNdebe yoMhlaba ngemuva kukaFrancois Pienaar ngo-1995 noJohn Smit ngo-2007.

Le mpumelelo yaMabhokobhoko ilihlanganisile kakhulu izwe okuholele ekutheni uKolisi aphenduke isilomo nesithandwa sabalandeli bombhoxo.

UKolisi kubhekwe ukuthi aphinde asize amaBhokobhoko avikele isicoco seNdebe yoMhlaba eFrance ngasekupheleni konyaka.

Nokho ingcindezi enkulu ihlalele ukaputeni wamaProteas ebholeni lomnqakiswano uMsomi noBavuma ongukaputeni wamaProteas kwikhilikithi.

Iningizimu Afrika izosingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano ngoNtulikazi.

AmaProteas akakaze ayinqobe iNdebe yomhlaba yebhola lomnqakiswano. Kulokhu azobe ebheke ukuqeda leli shobolo leminyaka ephuthwa yiNdebe yoMhlaba.

Phambilini Amabhokobhoko aseke ayinqoba iNdebe yoMhlaba njengosokhaya ngo-1995 kanti iBafana Bafana yadla ubhedu njengosokhaya ku-Africa Cup of Nations.

AmaProteas anethuba lokulandela ezinyathelweni zala mazwe uma engaba ngompethe bale Ndebe yoMhlaba ezobanjelwa kwelaseKapa.

See Also

Kuzobe kungokokuqala izwe lase-Afrika lisingatha eyoMhlaba emlandweni webhola lomnqakiswano.

Ngo-2019, amaProteas asebenze kahle kakhulu efinyelela kweyandulela amanqamu kodwa aphoxwa ngelase-Australia.

Kulokhu amaProteas kubhekwe ukuthi okungenani afinyelele kowamanqamu noma adle ubhedu ngemuva kokwenza kahle ngo-2019 kwelamaNgisi.

Ngo-2010, iBafana yabhacaza ngesikhathi isingethe iNdebe yoMhlaba. Yaphuma ekuseni okwayenza yaba yizwe lokuqala ukuba ngosokhaya bese liphuma ekuseni kulo mqhudelwano.

NamaProteas ashaya udaka ngesikhathi esingethe iNdebe yoMhlaba ngo-2003 ngaphansi kobuholi bukaShaun Pollock njengomqeqeshi.

Scroll To Top