AmaProteas azimisele ngokwenza kahle emidlalweni yoMhlaba
UMsweli uyintatheli yezemidlalo engxile kwikhilikithi nombhoxo.
IQEMBU lakuleli lekhilikithi amaProteas lizimisele ngokuqhubeka nokwenza kahle ngaphambi kokuthi kufike umqhudelwano omkhulu weNdebe YoMhlaba ozobanjelwa e-England naseWales mhla zingama-30 kuNhlaba kuya mhla zili-14 kuNtulikazi ngowezi-2019.
AmaProteas ngeSonto azolibhekisa eSri Lanka lapho ezodlala khona imidlalo yamaTest emibili, emihlanu yama-One Day International (ODI) kanye nowodwa weT20I. Umdlalo wokuqala kuzoba ngoweTest ozoqala ngoLwesine mhla zili-12 kwephezulu, lo mdlalo uzobanjelwa eGalle International Stadium uzoqala ligamenxe elesi-6 ekuseni.
Leli qembu elicijwa u-Ottis Gibson ongowokudabuka eWest Indies, ngoNdasa belitholene phezulu ne-Australia emdlalweni yamatest emine nalapho lanqoba emithathu lahlulwa kowodwa kowawubanjelwe eKingsmead Stadium, eThekwini. Imiphumela eyanqoba ngayo lemidlalo emithathu yayicacisa ukuthi ifuna kuthi kufika iNdebe YoMhlaba isimi ngomumo.
Emdlalweni weTest yesibili eyayibanjelwe eSt Georges Park, ePort Elizabeth elakuleli lanqoba ngamawikhethi ayisi-6, kwathi emdlalweni wesibili kowawubanjelwe ePC Newlands Stadium, eCape Town lanqoba ngamaruns angama-322. Emdlalweni wokugcina kowawubanjelwe eBidvest Wanderers, eGoli labukisa ngayo i-Australia linqoba ngamaruns angama-492.
AmaProteas abukisa nge-Australia nje ayephuma kwelibi ihlazo njengoba ehlulwa yi-India kuleli kusuka ngoMasingana nonyaka. AmaProteas adlala imidlalo emithathu yeTest, anqoba iSeries ngemidlalo emibili kowodwa. Kube sekuba nemidlalo yosuku olulodwa (ODI) nalapho izivakashi zibukise khona ngamaProteas zinqoba imidlalo emihlanu, kwathi elakuleli lanqoba owodwa.
Kuphethe ngokuthi kudlalwe imidlalo emithathu yeT20 nalapho i-India iphinde yabukisa ngamaProteas inqoba imidlalo emibili kwemithathu.
Ukaputeni wamaProteas yamaTest uFaf Du Plessis ukubeke kwacaca ukuthi amathemba abo beyiqembu bawabeke kubashwibi.
“Nanoma isiphi isimo esizobhekana naso kodwa amathemba ethu akubashwibi bethu kakhulukazi abashwiba ngokushesha (fast bowlers).
Eqenjini lethu sinoKagiso Rabada, uDale Steyn, uVernon Philander labantu engikhuluba ngabo abashwibi abahlonishwayo emhlabeni wonke, ngikholelwa ukuthi bazoqhubeka nokwenza amagama abo ahlezi ehlonishwa. Kunzima ukuhlula iqembu elinjenge Sri Lanka kubo kwayo, kodwa inhloso yethu siyayazi ingakho ngithi noma ikanjani sizoyihlula,” kusho uDu Plessis.
URabada emdlalweni engama-30 yamaTest unamawicket angama-143, uPhilander emdlalweni engama-54 unamawicket angama-204.
USteyn emdlalweni engama-86 unamawikhethi engama-419, usalelwe amawikhethi amabili ukuthi abalwe njengohamba phambili ekuthatheni amawikhethi kuleli emidlalweni yamaTest. Okleliswe njengohamba phambili ekuthatheni amawikhethi uShaun Pollock owashaya angama-421 ngaphambi kokushiya ngowezi-2008.
Iqembu lakuleli limi kanje: UFaf du Plessis (ukaputeni)‚ uHashim Amla‚ uTemba Bavuma‚ uQuinton de Kock‚ uTheunis de Bruyn‚ uDean Elgar‚ uHeinrich Klaasen‚ uKeshav Maharaj‚ u-Aiden Markram‚ uLungisani Ngidi‚ uVernon Philander‚ uKagiso Rabada‚ uTabraiz Shamsi‚ uDale Steyn noShaun von Berg.