Now Reading
Ingqalabutho uBaba u-Amilcar Lopes da Costa Cabral
Dark Light

Ingqalabutho uBaba u-Amilcar Lopes da Costa Cabral

UBaba u-Amílcar Lopes da Costa Cabral wazalwa zili-12 kuMandulo kowe-1924. U-Amilcar Cabral usangomunye wochwepheshe bezemfundiso yenguquko abakhulu, abaholi bongqondongqondo nabezepolitiki abakhiqizwe yi-Afrika ngekhulu lama-20 (20th century).

Wabamba iqhaza elikhulu ekukhululweni kweCape Verde kanye neGuinea Bissau kumakoloni abo angamaPutukezi. Kungalindele muntu futhi engafumbethe lutho, wakha iqembu labashokobezi elinamandla ezwenikazi lase-Afrika futhi walwa namakoloni.

Wayenobuhlobo obuhle kakhulu namaShayina kanye neSoviet Union ngesikhathi sakhe. Wayengumlweli onamandla wenkululeko yabantu bakhe futhi wayengesabi ukusho lokho ayenomuzwa wokuthi kulungile. Ngokudabukisayo, akazange aphile isikhathi eside ngokwanele ukuze abone ukukhululwa kweGuinea ayilwela kanzima.

See Also

Ngokubika kweFace2faceafrica, wabulawa zingama-20 kuMasingana kowe-1973 okusolakala ukuthi ngamaphoyisa omshoshaphansi angamaPutukezi kodwa abakwenzanga bodwa, bakwenza ngosizo lwabanye abantu bakwabo, bona labantu ayelwa kanzima ukubakhulula.

Scroll To Top