IDowns isazoqhubeka nokukhonya ngoba iyakwazi ukuzihlela



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Impumelelo akuyona into olala namhlanje uvuke ngakusasa isikhona. Kungathatha iminyaka uzama uhluleka kothi ngelinye ilanga bese lokhu okade uphupha ngakho kuyenzeka.
La mazwi angenhla ngiwaqondise kulabo abangafuni ukuvuma ukuthi ompetha beDStv Premiership, iMamelodi Sundowns isikhathi sayo manje. Le mpumelelo yabafana abadla izambane likaPondo, akuvelanga nje kwaba imana eqhamuka ezulwini kodwa kusetshenziwe. Le mpumelelo yeSundowns into okuthathe iminyaka izanywa ingalungi, kuze kwaba ncono ngesikhathi sikaPitso “Jingles” Mosimane. Ngingasho ngithi uyena odinga kakhulu ukushayelwa izandla ngoba wakha into okusazothatha iminyaka ukuthi ihlukane. Abaningi bathi ingoba iSundowns njalo ihlezi ithenga abadlali abanohlonze, yebo baqinisile kunjalo kodwa lokho bakwenza eminyakeni edlule kodwa ingazinqobi izicoco. Abantu abayeke ukubheka ugcobho kodwa bancome.
Uma kuwukuthi yimali eyenza inqobe iSundowns, kungani pho iRoyal AM ephethwe uShauwn MaMkhize, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bengancintisani nayo ngoba nawo lamaqembu anayo imali. Mina engingakusho ukuthi ithimba leSundowns lonke ngiyalincoma kakhulukazi laba ababhekela leli qembu abadlali ngaphambi kokuthi besayine. Uma ubheka iSundowns mayidlala wonke umdlali uyazimisela ngoba uyazi ukuthi uma eke wangenza kahle khona abadlali ababili noma abathathu abanga nabo. Isibonelo uMothobi Mvala, baningi abantu abamngabazayo kodwa buka nje uhlalisa u-Andile Jali ngaphandle. UKhuliso Mudau edlala kwiBlack Leopards akekho owayembona edlala kwiBafana Bafana, kodwa wathola ithuba kwiSundowns usebalwa njengomdlali ohamba phambili kuleli ohlangothini lwesokudla emuva, uRonwen Williams ezintini kusukela efikile kuleli qembu ukhombisa ukukhula umdlalo nomdlalo uyazi kukhona uDennis Onyango ngaphandle.
UJabu Pule-Mahlangu ngimuzwe ephawula ngakho lokhu ethi iSundowns yehlisa isithunzi iligi kanti neBafana Bafana izogcina ingenzi kahle.
Ngiyamhlonipha lo mdlali kodwa ngikholwa ukuthi uphaphalazile lapha, okwenza ngisho njalo ingoba ngonyaka we-2010 iSpain yathatha iNdebe YoMhlaba lapha eNingizimu Afrika iningi labadlali bayo begijima kuFC Barcelona kuthi ingcosana kungabeReal Madrid. Ngonyaka wezi-2014 iGermany nayo ibe ngompetha boMhlaba ngabadlali abaningi beBayern Munich.
Eminyakeni edlule iChiefs ibibutha izinkomishi isizini nesizini, akukaze kwakhulunywa kanje. NePirates nayo kuke kwafika isikhathi sayo kwathulakala, manje sekuyisikhathi samaBrazillians.
Ngaphandle kokungabaza nangesizini ezayo isazoqhubeka nokwenza kahle ngoba izongena emakethe ithenge abadlali abazofike bayiwinise. Ukuhlula kwayo iTS Galaxy emdlalweni wangoLwesibili idlula ngamagoli amabili kwelilodwa kuyibeke emathubeni amahle okuthi iphinde yekhale yemuke nesicoco. Ngibona kukuningi okungafundwa ngamanye amaqembu kuDowns.