Kuyancomeka ukuthi aboHlanga bazigqaje ngokungokwabo njalo
Ukungazazi inhloso yabo emhlabeni,njengoba kwabhalwa kabi ngamabomu, kwahlanekezelwa imilando, yeminyaka yeziNgonyama zakwelikaMthaniya, zaKwaZulu kusuka eLembeni, uma kwenziwa ngowezizwe, ngowoHlanga noma ngumuntu othi yena, ozibiza ngokuthi umnyama, osebenza ngaphansi kukaMasipala waseThekwini.
Ukubhaleka kabi kweminyaka esezithombeni zeZilo zaKwelikaMthaniya, ngaqale ngakuthatha njengesiphosiso ngowezi-2020, esenzeka kulabo noma esenziwa yilabo ababebhala.Kwazise ukuthi kuhle ukuba ngowoHlanga othandayo okobu-Afrika nobusondele kuyena, ngokuba nguyena lowomuntu, okuqala olibofuzeni lwasekhaya noma lwakubo.
Nganxusa ukuba kulungiswe amaphutha athize, kuseyindlela yokubamba iqhaza ezweni olakheleyo. Singabi njena ngabantu abahlale befuna kulungiswe izinto ngoba kuzozuza yena, bona, abozalo lwakhe, abangani bakhe kuqala. Singawabamba amaqhaza abe yifamlando ngokwehlukeneyo, njengokubhala, ukuphakamisa, ukuphawula, ukucobelelana, ukuvusana nokusizana uma sivuma isimo.
Ngabe sengithumela umyalezo wokuqala kowayesebenza kwaMasipala, uMnu uThembinkosi Ngcobo, nginxusa ukuba kubhalwe kabusha iminyaka ebhalwe ngaphansi kwezithombe zeZilo, ngathumela mhlazane zingamashumi amabili nesithupha kuMasingana wezi-2021.
Kwakungokubhaleka kabi kweminyaka eyayibhalwe ngaphansi kwezithombe zeZilo zakwelikaMthaniya, kusukela eLembeni kufike kuMdlokombane, ezazinanyekwe odongeni lwesakhiwo iNicole Square phakathi kukaDr. A.B Xuma (Commercial) Street noDr Monty Naicker (Pine) Street ngasohlangothini lukaDr Yusuf Dadoo (Grey) Street, engakuqaphela okokuqala ngasekupheleni kwenyanga uZibandlela ngonyaka wezi-2020.
Kwakubhalwe okwakufuniselwa, okwakucatshangelwa ukuthi zazizalwe ngaleyominyaka eyayibhalwe ngezansi kwezithombe zazo iZilo, kusukela esithombeni seNgonyama uShaka kuze kufike esithombeni seNgonyama uCetshwayo, okwakungeyokuzalwa neyokuba sezihlalweni kuze kufike enkathini zokubuza noma zokukhothama kwazo. KwakungeseNgonyama uDinuzulu isithombe okwakungabhaliwe ngezansi ukuthi kwakufuniselwa unyaka azalwa.
Ngaqaphela iminyaka eyayibhalwe ngezansi kwesithombe sikaJininindi oMnyama, iNgonyama uCetshwayo, ukuthi kwakucatshangelwa ukuthi wazalwa ngowe-1834 -1844, sengathi wayeneminyaka eyishumi ebuza.
Ngabe sengicela,senginxusa kuMasipala weTheku ukuba abukisise ukubhaleka kweminyaka ebhalwe ngaphansi kwezithombe zeZilo bese eyilungisa lapho ingabhalekanga kahle khona.Kwalungiswa lokho kubhaleka kabi kweminyaka yeSilo uCetshwayo ngawo unyaka wezi-2021. Ngathumela kwaMasipala ngisho nezithombe ezazisodongeni eNicole Square njengoba zazibhalwe kanjalo. Kwabakuhle nakwimimoya emihle yaboHlanga.
Sekuwumlando ukuthi izithombe zeZilo zakwelikaMthaniya zasuswa odongweni eNicole Square, ngasekupheleni kukaMfumfu wezi-2021. Kwafakwa izithombe zeziMeya zokuqala zaboHlanga eMkhandlwini kaMasipala waseThekwini kusukela emeyeni uMlaba kuze kufike kuMxolisi Kaunda.
Nalapho kwakuwukuchema nokuhlanekezela ngabomu kwababenza lezozithombe, ngoba iMeya yokuqala yoHlanga kuMasipala waseThekwini kusukela kowe-1994, kwakunguMnu uSipho (Sgqoko sotshani) Ngwenya, owayengumphathi wekilabhu yebhola Kwamashu ngowe-1966, wayengaphansi kwe-Inkatha Freedom Party (IFP). Sikhuluma lapha ngomlando womuntu omnyama thina boHlanga esesididisana, esefihlelana wona nezizukulwane ezazingakazalwa.
Usuyayibona le nto yaboHlanga yokuzenza osiyazi sengathi yonke into eyasungulwa ngokomqondonto wabelumbi base-Europe, base-United States of America ngeyethu. Bese sibandlulula abanye Kuphi okwaboHlanga njengoba begabiselana, beqhubukushana ngokwabanye.
Ngowezi-2021, kuLwezi, sekunesithombe seSILO uMisuzulu, ngabanezinsolo sengathi ngangingosebenza kwezobunhloli, kwezokuqapha nokuphepha, ukuthi kunabantu kwaMasipala, kuhulumeni nakwezinye izindawo abagcwanekayo ngezinto ezithinta aboHlanga noma abasenza izilima noma abasenyanyayo, abasihlekisa inhlinini thina boHlanga. Koba kubi uma kungowoHlanga owenza lokho kungcola nokubola sengathi akayena umuntu omnyama.
Kwakungenkathi ngifunda ngezansi kwesithombe seNgonyama uPhumuzulu kwakubhalwe unyaka u-1868-1913 bese kuthi esikayise iNgonyama uDinuzulu kwakubhalwe unyaka ofanayo okuwu-1868-1913. Ngathumela mhlalulunye kuLwezi kowezi-2021 kumphathi wezomlando nezobuciko kuMasipala wTheku, wama Museums uMnu uSnothi Mthalane, nganxusa ukuba kulungiswe iphutha.
Balilungisa iphutha, ngabonga, babhala ngezansi kwesikaPhumzuzulu unyaka u-1890-1933, sebebhala ukuthi kwakufuniselwa, kwakucatshangelwa nakwesikaBhekuzulu, okwakungabhalwanga kuqala ukunanyekwa kwezithombe zeziNgonyama ngonyaka wezi-2020. Ngabathumela izithombe engangizigcinile zangowezi-2020 ukuqinisekisa.
Ngathi, muntu omnyama, uma kunguwe, musa ukuba yisiphungumangathi sengathi wazi kakhulu, unezwe! Kungani abasebenza kwamasipala, babhale kwakuyafuniselwa unyaka weSilo kade ungabhaliwe ekuqaleni, ngoba uyaziwa unyaka esazalwa ngawo iSilo, akufuniselwa (ngangisho iSilo uPhumuzuzulu noBhekuzulu).