Afiphele amathuba okuthi uMay abuyele kuleli
Angase aphelele phesheya kwezilwandle uMay Mahlangu odume kuBafana Bafana eminyakeni eyedlule.
Kuvela ukuthi imeneja yakhe ibimhlelela ukuthi abuyele eMzansi kodwa kubukeka sengathi uzogcina ebuyele phesheya kwezilwandle.
Izimpimpi zelaboHlanga zihoshe izindaba zokuthi uMahlangu ufunwa uthuli ngamaqembu amabili aphesheya kwezilwandle.
“Imeneja yakhe ikhulume neKaizer Chiefs, i-Orlando Pirates, AmaZulu neStellenbosch. IChiefs ithathe isinqumo sokungamniki inkontileka ngenxa yokuthi ibheke ukusayinisa abadlali abangaphansi kweminyaka engama-30. IChiefs kudala ifuna ukumbuyisa phesheya kwezilwandle uMay kodwa anqabe. Kubukeka sengathi basamdinelwe ngalokho. IPirates ibikhombisa intshisekelo kodwa yashaywa wukuthi inenqwaba yabadlali basesiswini. AmaZulu neStellenbosch basabe iholo lakhe,” kuchaza umthombo.
UMahlanga akakaze adlale emaqenjini aseNingizimu Afrika ezingeni elikhokhelayo. Wakhulela kuStars of Africa kaFarouk Khan ngaphambi kokubhekisa amabombo eSweden.
Ufike waphenduka isilomo eSweden. Udlale amasizini amahlanu KuHelsingborg IF. Leli qembu ulisize ladla isicoco seligi ngemuva kwalokho waqokwa njengomdlali ovelele eSweden. Lokho kuholele ekutheni iSweden imshele ekutheni azodlalela iqembu lesizwe lakhona.
“Njengamanje uMay uziqeqesha yedwa lapha eNingizimu Afrika. Yize efisa ukubuya kuleli kodwa inhloso yakhe enkulu wukuvala ikhasi lakhe lebhola phesheya kwezilwandle. Njengamanje usedlale phesheya iminyaka eli-18. Ufuna ukuhlanganisa iminyaka engama-20 edlala phesheya. Uma enze lokho uyobe useqedile,” kuchaza lo mthombo.
Leli phephandaba liphinde lahabula izindaba zokuthi uPitso Mosimane ubemfuna ku-Ali Ahli ayiqeqeshayo e-Saudi Arabia.
“Imenenja yakhe ike yaxoxa noPitso. Phela khumbula ukuthi uPitso nguyena owanika uMay ithuba lokudlala kuBafana Bafana. Kulapho abantu baseNingizimu Afrika baqala bazi ngoNhlaba. UPitso wamgixabeza ngonombolo 10. EsakuMamelodi Sundowns ubemfonela njalo uMay efuna abuyele eNingizimu Afrika. Ubehlose ukwakhela iqembu phezu kwakhe ngaleso sikhathi. Njengamanje uPitso abakamniki izizumbulu zokuthenga bonke abadlali abafunayo. Basafuna akhuphule iqembu alifake esigabeni esikhulu. Ngemuva kwalokho uzobe esanamandla okusayina bonke abadlali abafunayo,” kuqhuba lomthombo.
EzikaMosimane zihlezi endaweni yesine manje ku-log ngamaphuzu angama-31 ngemuva kwemidlalo eli-16. Zisele ngamaphuzu amane ku-Al Faisaly eqhwakele esicongweni.
“Uma uPitso enyukela esigabeni esikhulu kungenzeka basebenzisane noMay. Ngakho uma esayina eSweden noma eRomania okuyilapho afunwa khona uthuli kungenzeka asayine inkontileka yesikhasana. NePirates nayo isambhekile. Ngicabanga ukuthi kuzocaca kahle ngoNhlangulana.” kuchaza umthombo.
Ethintwa uMahlangu ukuthi aziphawulele ngekusasa lakhe uthe:”Imeneja yami iyona esingethe udaba ngekusasa lami. Okwamanje ngisebenza kanzima ukuzigcina ngisesimeni esifanele. Uma isiqede yonke into izongazisa. Okwamanje kukhona izicelo zamaqembu aphesheya enginazo. Angeke ngitatazele ukuthatha isinqumo ngekusasa lami. Ngizohlala phansi ngibone ukuthi yisiphi isicelo esenza umqondo. Ngemuva kwalokho ngizobe sengiphuma nesinqumo. Okwamanje angifuni ukukhuluma kakhulu. Ngizoyekela imenenja yami isebenze.”
Ngesizini edlule uMahlangu ubegijima ku-Aksu yaseKazakhstani. Ugcine eyishiya ngoba engaboni ngasolinye nomqeqeshi weqembu. Ufike kuyona ngenxa yokuthi ubeyintandokazi kumengameli weqembu.
“Uma ithuba livela ngingathanda ukudlala eligini yangakithi ngoba angikaze ngidlale kuyona kodwa uma ngingalitholi iqembu lapha ekhaya ngizobuyela phesheya.” kuphetha uMhlangu.