Guga mzimba sala nhliziyo: Intomb’endala yenza izimanga ngejubane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Intomb’endala ayizibekile phansi njengoba igila izimanga ekugijimeni. UNkk uHawukeleni MaNdawonde Mtolo oneminyaka yobudala engama-72, waseSiphongweni, eMsinga ugijima efake “Isidwaba” emidlalweni yabantu abadala ama -Golden Games.
Muva nje usanda kuthola indondo yegolide ngokudla umhlanganiso eGoli emele iKwaZulu-Natal ebangeni lika-800m. Ugogo uMtolo obongelwa ngokuthi wu “Sidwaba Somyeni Wami” uma esebahola phambili uthi lezi zibongo wazithola egijima eThekwini lapho afika washaya phansi ngonyawo bethi akakhumule isidwaba agqoke isikhindi ukuze agijime kahle wabatshela ukuthi umyeni wakhe wamfaka lesi sidwaba sokhulunywa nguye futhi.
“Selokhu ngaqala ngigijima ngalesi sidwaba. Asingisindi ngalutho ngibahlula begqoke izikhindi. lsidwaba awusikhiphi noma yikanjani sikhishwa ngenkomo ngakho angikwazi ukusikhipha. Le nto yokugijima ingisiza ekutheni ngingangenwa kalula izifo angidli philisi leBP nelashukela ngiyaziphilela nje. Ngisho ukujima angijimi ngenza imisebenzi yasekhaya okubalwa ukutheza ukukha amanzi,” kusho ugogo.
Le midlalo yabantu abadala eqale eminyakeni edlule ngenhloso yokukhuthaza ukuzivocavoca ukugwema izifo ezingamahlalakhona bekungelula ukuyifaka igxile kubantu basemakhaya. UNks uSindi Makhoba onguMdidiyeli Wezinhlelo Ezikhethekile (Special Programmes Co-ordinator) kuMasipala uMzinyathi uthi ngesikhathi beqala loluhlelo lokunyakazisa imizimba ogogo nomkhulu bebemanqika ukuba yingxenye yalo. Ukubona ugogo okuleminyaka enza kahle kanje emidlalweni kazwelonke kuyasikhuthaza kakhulu.
Siyafisa nabanye bagqugquzeleke bazibandakanye nale midlalo.
IMeya kaMasipala wesifunda uMzinyathi uMnu uNgubane ubongele zonke izaguga ezenze kahle kule midlalo.
“Siyaziqhenya ngoNkk Mtolo siwuMzinyathi nabanye abebeyingxenye. Ukunyakazisa imizimba yinto esiyikhuthaza kakhulu kubantu abadala ukuvikela izifo. Umphakathi wakithi siyanxusa ukuba ubanakekela abadala bethu siziqonde nalezi zifo okubalwa isifo sokukhohlwa njengoba abanye uma sesibahlasela behamba bedwanguza ngisho ebusuku abanye abangaqondi bayaye babalimaze babashaye bezitshela ukuthi bayathakatha kanti sebengenwe yilesi sifo,” kusho iMeya.