Now Reading
EzeGumbi-13 eNkosibomvu ziphumelele zingaphelele
Dark Light

EzeGumbi-13 eNkosibomvu ziphumelele zingaphelele

Ukubulawa komfundi uBobo akubanqindanga ukuba benze kangcono egameni lakhe


Ngesikhathi elaboHlanga lihambele esikoleni samabanga aphezulu, iNkosibomvu eHambanathi oThongathi kwabe kuvunguza umoya womunyu. Lokhu kwabe kudalwe yisehlo lapho omunye wabafundi beBanga-12, uBobo Mbuthu abulawa khona ngesihluku izinsalela zakhe zaphoswa emfuleni wendawo, iWewe.  

Isithombe esavela ngempilo yalo mfana nesabe sidwetshwa ngothisha kanye nabafundi ayenabo egunjini u-13 ebangeni leshumi nambili ngesomfundi  ofana nazo zonke izingane egangile futhi engumuntu wabantu.

Ubulawa nje nokwaba yisilonda kwabanye yikuthi uBobo wahamba sekusondele usuku lomcimbi wokubavalelisa nowenzelwa abafundi beBanga-12. Awabange esafezela amaphupho akhe; okokuqala ukuphumelela ukuze aye kwangqondonkulu nokumsondeza ezifisweni zakhe zokukwazi ukufukula umndeni wakubo ohlwempu. Okwesibili akabange esaba yingxenye yosuku umhla ziyisi-8 kuNhlaba ayede ekhuluma ngalo, lapho ayethi ngalo suku amehlo ayobe ethe njo kuye. Nembala lwafika usuku kepha umehluko ukuthi izwe lonke labe libuka ukukhiswa kwezingxenye zesidumbu sakhe emfuleni onamanzi  amnyama. 

Omunye okwashabalala iphupho lakhe kwaba nguMbali Vundla nowayemagange ngosuku lwabo njengoba wayecelwe ngumufi ukuba abe nguphathina wakhe emcimbi wesikole. Echaza ngaleso sikhathi  uMbali wathi: “UBobo wafika kimi wangicela ukuthi abenguphathina wami kuMatric Dance. Ngavuma wabe esethi sesiyohlangana kuyo. Kunalokho kwabe sekufika izindaba ezibuhlungu zokuduka kwakhe kwaqede kwavela ukuthi utholakale ebulewe, ephonswe emfuleni.”

Uthisha kaBobo, uNkk uNcamane uveze olunye uhlangothi okukhombise ukuthi lo mfundi ubesondelene kangakanani nabafundi abangozakwabo nanothisha bakhe. 

“Mina ngesikhathi ngiqala ukufundisa la iBanga-12, kwangena uBobo, ngakhuza ibhadi ngaya kothisha abanye ngathi ngeke nje le ngane izofunda ekilasini lami ngoba iphaphe kanje. Angizukubanawo nje amandla okuyikhuza ngoba ngiphansi ngokokudalwa. Omunye wozakwethu wangicela ukuba ngiyivumele ifunde kuleli kilasi lami, wathi bazongilekelela uma ngihlangabezana nenkinga. Kusuka lapho uBobo sibe sesijwayelana engivakashela nasekhaya angitshele ukuthi yena ufuna ukuba yihustler. Mina ngangingayizwa kahle leyo ngoba igama leli engilibuka ngenye indlela enzima ukuba yihustler. Yingakho ngangithi kumele ngonyaka ozayo ayoqhubeka nemfundo ephakeme. Iqiniso nje ukuthi selokhu adlula emhlabeni kunzima ezinganeni nakimi nje,” kuchaza uNkk uNcamane. 

Uthe ngisho usizo lokwelulekwa ngokwengqondo alubagculisanga ngenxa yokuthi lwalwenziwa ngezikhathi zokhuvethe futhi nezingane zithi azisizakalanga. 

Imiphumela emihle

See Also

Njengoba kuphume imiphumela nje kuleli sonto elaboHlanga lilunguze eNkosibomvu ukuyothola ukuthi phezu kwengcindezi kuhambe kanjani. Bekuyinjabulo  yodwa njengoba abafundi benze kahle phezu kwengcindezi. 

Ibanga lonke lithole amaphesenti ayi-78%.  Sithole ukuthi uMbali uphumelele wathola iBachelor. Ekilasini likaBobo baphumelele cishe bonke njengoba kube ngabathathu nje okungahamba kahle kubo. 

Kothisha bakaBobo bekungekho ukungabaza ukuthi ngabe uBobo naye usohliwni lalabo abaphumelele nabajabulayo ngalesi sikhathi.

UMbali ekhuluma nelaboHlanga uthe ujabule kakhulu: “Yize bekubuhlungu kuqala unyaka kepha sikwazile ukuphumelela ukuze siphakamise igama lesikole sethu, iNkosibomvu.” Uthe izifiso zakhe wukuthi ayokwenza izifundo zomthetho kwangqondonkulu. 

Scroll To Top