Now Reading
Amasosha ahoxile endaweni yempi 
Dark Light

Amasosha ahoxile endaweni yempi 

Amasosha angaphezu kwesigamu aseTigray ahoxile endaweni yempi  ngokusho komkhuzi omkhulu wamasosha, ngenyanga edlule ngemuva kwesivumelwano sokuqeda umbango weminyaka emibili esifundeni sase-Ethiopia esisenyakatho iTigray.

“Sifeze ukuhoxiswa  kwebutho lethu ngamaphesenti angama-65,” kusho uTadesse Wereda, umphathi omkhulu we-Tigray People’s Liberation Front (TPLF) kuvidiyo efakwe ekhasini elisemthethweni le-Facebook ngoMgqibelo.

“Ibutho lethu lasuka ezindaweni zempi   lathuthela endaweni ebelilungiselelwe ukuthi likampe. Amasosha ethu ahoXe ngezimoto nangezinyawo.”

Okhulumela uhulumeni wase-Ethiopia uLegesse Tulu akazange aziphendule izicelo zokuthi aphawule. Kwaqubuka impi esifundeni sase-Ethiopia esisenyakatho iTigray ngoLwezi wezi- 2020, yaxabanisa amabutho aseTigray nezombutho zezwe namadlelandawonye awo okuhlanganisa amasosha avela esifundeni sase-Amhara emngceleni wamasosha aseTigray nase-Eritrea. Le mpi isibulale izinkulungwane, yashiya izigidi zabantu belahlekelwe ngamakhaya yashiya amakhulu ezinkulungwane ebhekene nendlala.

Nokho, ngendlela emangazayo, izinhlangothi zombili zasayina isivumelwano sokuthula esiphethwe yiAfrican Union (AU) zimbili kuLwezi  eNingizimu Afrika. Isivumelwano  sokuhoxiswa kwezikhali namasosha e-TPLF, iziqinisekiso zokufinyelela kosizo kanye nokungena kwamasosha ase-Ethiopia enhloko-dolobha yaseTigraya iMekele sasayinwa ngoLwezi zili-12 eKenya.

UTadesse uthe i-TPLF isaqhubeka nokugcina ibutho layo kwezinye izindawo “lapho kukhona khona amabutho alwa nokuthula”. Akazange azisho izindawo. “Amabutho ethu asagcwele amathafa kulezo zindawo ngenxa yezinkinga lamabutho alwa nokuthula azidalela  abantu bakithi Kodwa sesize sanciphisa isibalo samabutho ethu kulezo zindawo.”

See Also

NgoLwesine uhulumeni wobumbano uthe ikomidi elihlanganyelwe elijutshwe ukuba lidwebe uhlelo lokuhoxiswa kwezikhali kwe-TPLF seliwuqalile umsebenzi walo futhi lizophothula lolu hlelo ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

Noma kuneziqinisekiso zokufinyelela kosizo ezivelile  esivumelwaneni, nokho, iWorld Health Organisation ithe ngoLwesihlanu ayikabi nakho ukufinyelela okungavinjelwe eTigray. Abasekeli base-Ethiopia baphinde baphanga amadolobha, babopha futhi babulala izakhamuzi futhi bathutha izinkulungwane zabantu endaweni ephikisanayo yaseTigray naphezu kwesivumelwano sokuthula, izakhamuzi kanye nabasebenzi bosizo.

Scroll To Top