Now Reading
Isiqephu sesithathu: Ukukhula kwethumbu
Dark Light

Isiqephu sesithathu: Ukukhula kwethumbu

Into yokuqala ehlumayo ngaphakathi kombungu yilokhu okwakha imizwa noma phecelezi i-’nervous system’, kanye nethumbu. Kusho ukuthi kunethunjana elincane nje elidaleka ndawonye kanye nemizwa.

Into efike imangaze wukuthi leli thumbu lenaba umbungu wonke. Ngenkathi umbungu ukhula uba ifetus, nethumbu liyakhula ngokunjalo. Leli thumbu libe selihlukana izingxenye ezintathu. Kunengxenye yethumbu ebizwa nge-foregut moma ngeforetube, le ngxenye yethumbu isuka emlonyeni yehle njalo ize iyoshaya kwi’cardiac sphincter’, ngaphambi kokuba ufike esiswini. Awuqagele ukuthi yini ehluma kuleli thumbu ngaphakathi kombungu? Yilento okuthiwa i’lung respiratory bulbs.’ Usho ukuthi amaphaphu angumphumela wokuhluma kwethumbu? Yebo kunjalo.

Kukhona okunye okubizwa nge-’Thyroid Gland’ (igilo). Usho ukuthi igilo lihluma ngokususela ethunjini? Yebo kunjalo futhi. Ngaphandle kwethumbu awusoze waba nagilo futhi awusoze waba namaphaphu. Ne ‘thymus gland’ nayo ihluma ngethumbu. I-’thymus gland’ akusiyo le ephathelene namasosha omzimba (T-cells)? Yebo kunjalo. Asikaqedi ngethumbu, sisabuka nje i-foregut. Nakhu ngikhohlwa ulimi. Ulimi nalo luhluma ngokususela kulo ithumbu leli le-foregut.

Kusho ukuthi asoze waba nalimi ngaphandle kwethumbu, ngeke waba naphaphu, nagilo, noma na-’thymus gland’ leyo ngaphandle kwethumbu, ngoba konke lokhu engikubalulile kuhluma ngokususela kulo ithumbu. Kusuka ngokuhlumela esikhumbeni sethumbu esibizwa nge-ectoderm ne-mesoderm ngaphakathi kombungu (embryo).

Lokhu kusho ukuthi uma unenkinga yamaphaphu usuke unenkinga yethumbu. Uma unenkinga yolimi (kungaba umlomo onukayo) usuke unenkinga yethumbu. Nezinkinga zokukhuluma zidalwa yiyo inkinga yethumbu.

Sibuye size kwi-mesogut. Idalani le mesogut na? Idala lokhu abathi i-spleen,  i-pancreas (amanyiko), nesibindi. Ima kancane, usho ukuthi nesibindi umphumela wethumbu? Yebo kunjalo. Ngaphandle kwethumbu kasoze wakwazi ukuhluma isibindi, inyongo, noma i-spleen ngoba lezi zitho zihluma ngethumbu. Uma unenkinga ye-spleen usuke unenkinga yethumbu.

Uma unenkinga yokuphathwa ushukela (sugar diabetes) unenkinga yethumbu. Uma unenkinga yesibindi unenkinga yethumbu. Singalokhu siqhubeke njalo ngoba kunezitho eziningi ezitholakala ngaphakathi komzimba ezihluma ngalo ithumbu. Uthi ubuwazi nje ukuthi lombhobho womdabu olithumbu yiwo futhi odala izinso kanye nalokhu okwethiwa ngama-’adrino glands’? Lapha sisakhuluna ngezitho zangaphakathi ezivela nge-mesogut nje kuphela.

Bese kuba khona into okuthiwa yi-hindgut, yona ehamba njalo ize iyophuma ngembobo yomdidi.

Qajela ukuthi i-hindgut lena yakhani yona? Yebo yakha izitho zangasese. Usho ukuthi umgudu wezindlala (glandular highway) udalwa yilo ithumbu? Yebo kunjalo.

Manje ngiyethemba siyabona ngokusobala ukuthi cishe zonke izifo zisombuluka ngethumbu. Kwakha umqondo-ke ukuthi uma sishintsha okuya ngasethunjini siqalisele ukudla izidlo ezingcono, izifo lezi ziyashabalala. Yindaba kunjalo? Yingoba yinye kuphela indlela eya kufuzo(libo) lwakho, kanti futhi yinye kuphela indlela yokuvuselela umzimba wakho. Leyo ndlela itholakala ngokuya ngasethunjini (the gut).

Manje ngiyethemba ukuthi siyabona kungani abantu abaningi becabanga ngethumbu, yingoba ithumbu umqondo wenyama ngokweqiniso.

Enye into okumele siyibalule wukuthi uma sibuka izikhumba ngokwahluka kwazo, sithola izinhlobo ezintathu. Lezi zinhlobo zibizwa nge mesoderm, yi ectoderm, kanye ne endoderm. Lezi zikhumba yizo ezakha ingaphakathi nengaphandle lomzimba.

Zonke izitho zomzimba zakhiwa wuhlobo olulodwa lwesikhumba. Qagela ukuthi yisiphi isitho esakhiwe ngazo zontathu izinhlobo zesikhumba? Yebo kunjalo, ithumbu.

See Also

Lokhu kusho ukuthi angeke ukwazi ukuthinta izinwele zakho ngaphandle komthelela othile ethunjini lakho. Ngeke waxhubha mazinyo ngaphandle komthelela othile ethunjeni. Yonke into oyenzayo ngomzimba wakho inomthelela othile ethunjeni ngoba ithumbu yilo elakha umzimba womuntu wonke. Kungakho lilide kangaka nje.

Lokhu kusho ukuthi ithumbu iyona nto yokuqala okumele siyanake uma sizama ukwelapha izifo ngoba indlela yethumbu yiyo kuphela indlela yokumunca izakhamzimba (vital nutrients).

Kungaba into oyiphuzayo eluketshezi, yehle nge-esophagus iyohlala esiswini, igayeke nge-’sodium bicarbonate’ no-pepsin owenza i-’hydrochloric acid’ (HCL), yona egaya lokhu abathi ama-polypeptide, iwagaye abe ama-’simple amino acids.’ Bese ama-microbes noma ama-villi wona ke athathe ukudla osekugayekile akuthumele ngaphakathi kwegazi.

Igazi lona bese liphakela umzimba wonkana. Konke lokhu asoze kwenzeka ngaphandle kwethumbu elisebenza ngendlela. Manje ufinyelela kanjani kulibofuzo (dna) uma indlela eya ofuzweni ingasebenzi kahle? Asonze wakwazi ukufinyelela.

Isizathu sokuba ngigcizelele lokhu kangaka yingoba ukwelapha zonke izifo ngokweqiniso kuqala ngalo ithumbu – okuya ngasethunjini.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top