Usifumbu ubona uqhaqhazela ngezwekazi i-Afrika



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli u-Emmanuel Macron usole iRussia ngokufunza inkulumo-ze emelene neFrance e-Afrika ukuze ifeze izifiso “zomhlaseli emazweni ase-Afrika anezinkathazo, lapho iFrance ike yabhekana nezingqinamba zempi kanye nokulahlekelwa ithonya kabanzi eminyakeni yamuva nje.
UMacron ucelwe ukuthi aphendule abagxeki abathi iFrance isebenzisa ubudlelwano obungokomlando bezomnotho nezepolitiki kumakoloni ayo angaphambili ukuze ifeze izinhloso zayo zayo. “Lo mbono wondliwe ngabanye, kuwumsebenzi wezepolitiki,” uMacron etshela iTV5 Monde engxoxweni. “Angisona isiwula, abaningi abanethonya, kwesinye isikhathi bekhuluma ezinhlelweni zenu, bakhokhelwa amaRussia. Siyabazi,” kusho uMacron. “Abaningi abanamandla, bafuna ukusabalalisa ithonya labo e-Afrika, benza lokhu ukuze balimaze iFrance, balimaze ulimi lwayo, badale ungabazane, kodwa ngaphezu kwakho konke bafuna ukufeza izifiso zabo ezithile,” kwenezela uMacron.
IFrance, izwe ngaphambilini ebelinamakoloni ezingxenyeni eziningi ze-Afrika eseNtshonalanga namaphakathi, inobudlelwane bezempi isikhathi eside kulo lonke elaseFrancophone Africa kanti amasosha aseFrance akhona eMali iminyaka eyishumi njengengxenye yomkhankaso wokulwa nobushokobezi. Abagxeki bachaza ukusebenza kweFrance njengesehluleki futhi bayisola ngokudicilela phansi isifunda.
Iphinde yalwela ukuba nethonya neRussia eminyakeni yamuva nje, ngokuthunyelwa kukasonkontileka ozimele wezempi uWagner Group emazweni amaningana, okuhlanganisa neCentral African Republic (CAR) naseMali. IFrance kudingeke ukuthi ihoxise amasosha eMali ngemuva kokuthi amasosha alelizwe (Mali) ethathe izintambo ngowezi-2020 phakathi nokubhidlika kobudlelwano.
Abaholi bezempi babe sebemema uWagner ukuthi asize ngempi ende yeminyaka eyishumi ngokumelene nezidlamlilo zamaSulumane futhi base beqeda ubuhlobo neFrance.
IRussia ithe uWagner akameli izwe laseRussia futhi akakhokhelwa yilo. Kepha i-EU ifake unswinyo kuWagner, imsola ngokwenza imisebenzi eyimfihlo egameni likahulumeni waseRussia.
Ngonyaka odlule, umbiko weNhlangano Yezizwe wathi abafundisi bezempi baseRussia namasosha endawo eCentral African Republic bahlasela izakhamuzi ngendluzula eyeqisayo, bebulala ngokungakhethi, ukungena ezikoleni nokuphanga izinto ezinkulu.