Ushweleza ebe ephebeza abathi akehle esikhundleni uNgqongqoshe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe wezeziMali eGhana uKen Ofori-Atta (osesithombeni) uthe ngoLwesihlanu “uyaxolisa kakhulu” ngobunzima bezomnotho bezwe kodwa wazivikela ezinsolo zabezomthetho zokuthi akawufanele umsebenzi.
U-Ofori-Atta ugxekwe ngokuphatha kwakhe osekuphenduke inkinga yezomnotho eGhana. Lokhu kuza ngesikhathi ehola izingxoxo ne-International Monetary Fund (IMF) zokuthola usizo olufinyelela kwisigidi sezigidi ezi-$3 zamaDollar.
Icedi (imali yakulelizwe) yaseGhana yehle ngaphezu kwamaphesenti angama-40 kulo nyaka, okwenza kwaba nzima kwabathenga kwamanye amazwe izinto ezingavuthiwe nezigayiwe.
I-inflation yabathengi ifinyelele phezulu ima kwama-40.4% ngoMfumfu ngenxa yezindleko ezikhuphukayo zokungenisa impahla.
Ngalesi simo, ungqongqoshe obhekene nezinkinga ubhekene nengwadla yokugxekwa abenzi bomthetho (law makers) bawo womabili amaqembu amakhulu ezombusazwe abafuna akhishwe esikhundleni.
U-Ofori-Atta uzivikele ekugxekweni kwakhe okokuqala ngqa emphakathini ngalolu daba. Ngesonto eledlule, iphalamende lisungule ikomiti elizophenya ngezinsolo ezithi u-Ofori-Atta ubehlomula enkingeni yezomnotho yaseGhana ngokukhokhelwa ngokungemthetho nezinkontileka ezingahambisani nezimiso zokuziphatha, phakathi kwamanye amacala. Uthe ukhathazekile ngosizi olubhekene nalelizwe kodwa wengeza ngokuthi lezi zinsolo azinasisekelo. “Abantu baseGhana babekezelela ubunzima. Ngizwa ubuhlungu ngokwami, ngokomsebenzi nasemphefumulweni wami,” kusho u-Ofori-Atta.
Uthe ekupheleni kokuqulwa kwecala, “Ukungabaza okungenasisekelo ngezisusa zami, ikhono lami kanye nesimilo sami bekuyobe sekuchithiwe”.
U-Ofori-Atta uphinde wathi ubehlale esebenzela izwe “ngobuqotho nangokwethembeka”.Uziphikile izinsolo zokuthi akazange abike imininingwane yezomnotho ngendlela engafanele ephalamende nokuthi imigomo yakhe iyona ebangela ukwehla okukhulu kwe-cedi. “Umbono wokuthi ukwehla kwenani le-cedi kuwumphumela wengozi yezimali kanye nobudedengu awusekelwa amaqiniso akhona,” kusho u-Ofori-Atta.
Uthe izingxoxo ne-IMF zihamba kahle. “Sesizoqeda ngezingxoxweni ne-IMF. Sisebenza ngokuzikhandla ukuze sifinyelele kwisivumelwano sezinga labasebenzi ekupheleni kwaZibandlela walonyaka.”
Izicelo zokuthi kususwe u-Ofori-Atta kube yindikimba eyinhloko yemibhikisho yakamuva yasemgwaqweni, futhi abangaphezu kwengxenye yabaphathi beqembu lakhe bacele ukuthi asuswe esikhundleni bakusho esidlangalaleni. Kodwa-ke, amalungu eqembu elibusayo ePhalamende, ngokungafani namaqembu aphikisayo, avumile ukumisa iziphakamiso zawo zokuthi ungqongqoshe axoshwe kuze kube uqeda izingxoxo ne-IMF