UNdosi ubona sinqundeka isiphoyisa ngalabo abathatha impesheni



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu uBheki Cele, usezwakalise ukukhathazeka okukhulu ngamaphoyisa asuke ethatha umhlalaphansi.
Emhlanganweni wakamuva wekomidi lamaPhoyisa ePhalamende, uCele utshele amalungu ePhalamende ukuthi usayina abantu abacishe babe ngama-300 abathatha umhlalaphansi njalo ngenyanga, okumshiya ekhathazekile ngesipiliyoni esiphumayo emaphoyiseni kulandelana. Eminyakeni emine edlule, cishe izikhulu eziyi-10 000 ezinesipiliyoni seminyaka engaphezu kwengama-30 ziye zashiya umbutho.
UCele uthe ngenyanga eyodwa usayina izincwadi ezingaphezulu nje kwama-300 zomhlalaphansi. Uthi kuyamkhathaza ukuthi iSAPS isala negebe elikhula njalo uma kukhulunywa ngesipiliyoni. “Khumbula laba ngabantu abaphakathi kweminyaka engama-55 nengama-63, abantu abanolwazi, abaseshi, abantu ohlale ukhuluma ngabo. Bayagoduka manje. Futhi uma besikwazi, besizobanika yonke imali esinayo.”
Olunye uhlangothi lwale nkinga ukushoda kwamaphoyisa emigwaqeni. UCele uthi ngowezi-2010 isibalo samaphoyisa kwizakhamuzi sinyuke saba ngama-220 kwiphoyisa elilodwa. Isidingo samaphoyisa selokhu siphindeke kabili, izinsiza zamaphoyisa azinyukanga.
“Ukubonakala kwamaphoyisa kuyinto enkulu. uma ngowezi-2010 isibalo sasiyi phoyisa elilodwa kwabantu abangama-220, manje sesiyiphoyisa elilodwa kwabantu abangama-440. Ungacabanga ukuthi sibhekene nobunzima, sinwetshiwe, abantu basebenza amahora ali-12 esikhundleni samahora ayi-8,” kusho uCele.