Now Reading
UNdosi ubona sinqundeka isiphoyisa ngalabo abathatha impesheni
Dark Light

UNdosi ubona sinqundeka isiphoyisa ngalabo abathatha impesheni

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu uBheki Cele, usezwakalise ukukhathazeka okukhulu ngamaphoyisa asuke ethatha umhlalaphansi.

Emhlanganweni wakamuva wekomidi lamaPhoyisa ePhalamende, uCele utshele amalungu ePhalamende ukuthi usayina abantu abacishe babe ngama-300 abathatha umhlalaphansi njalo ngenyanga, okumshiya ekhathazekile ngesipiliyoni esiphumayo emaphoyiseni kulandelana. Eminyakeni emine edlule, cishe izikhulu eziyi-10 000 ezinesipiliyoni seminyaka engaphezu kwengama-30 ziye zashiya umbutho.

UCele uthe ngenyanga eyodwa usayina izincwadi ezingaphezulu nje kwama-300 zomhlalaphansi. Uthi kuyamkhathaza ukuthi iSAPS isala negebe elikhula njalo uma kukhulunywa ngesipiliyoni. “Khumbula laba ngabantu abaphakathi kweminyaka engama-55 nengama-63, abantu abanolwazi, abaseshi, abantu ohlale ukhuluma ngabo. Bayagoduka manje. Futhi uma besikwazi, besizobanika yonke imali esinayo.”

Olunye uhlangothi lwale nkinga ukushoda kwamaphoyisa emigwaqeni. UCele uthi ngowezi-2010 isibalo samaphoyisa  kwizakhamuzi sinyuke saba ngama-220 kwiphoyisa elilodwa. Isidingo samaphoyisa selokhu siphindeke kabili, izinsiza zamaphoyisa azinyukanga.

See Also

“Ukubonakala kwamaphoyisa kuyinto enkulu. uma ngowezi-2010 isibalo sasiyi phoyisa elilodwa kwabantu abangama-220, manje sesiyiphoyisa elilodwa kwabantu abangama-440. Ungacabanga ukuthi sibhekene nobunzima, sinwetshiwe, abantu basebenza amahora ali-12 esikhundleni samahora ayi-8,” kusho uCele.

Scroll To Top