Ukuvimbela ukuhlukunyezwa emsebenzini



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
Mhla zili 18 kuNdasa kophezulu lwaqala ukuba ngumthetho uHla Lwezibophezelo Zokuziphatha Kahle Ekuvimbeni Nokuqeda Ukuhlukunyezwa Emsebenzi. Uhla luthena amandla abaqashi, lubethwese imithwalo eminingi. Luphinde luthwese izisebenzi imigomo nemibandela eminingi ekuziphatheni emsebenzini. Alukhulumi ngokuhlukunyezwa ngokocansi kuphela, kodwa yonke inhlobo yokuhlukunyezwa. Futhi ukusebenza kwalo, kubanzi kwenabile.
Ngikhuleka kongangezwe lakhe Isilo, uMisuZulu kaZwelithini Bayede! Ngibingelela kubafundi beloHlanga, ngikhulekela imibhalo yami kuMhleli nakubobonke abalobi belohlanga, ngethula lesisihloko kulombhalo wokuqala kulengosi emva kokunyamalala isikhathi eside. Lude kakhulu Uhla futhi lubaluleke kakhulu kubaqashi nasezisebenzini kanye nasemphakathi wonkana. Ngakho-ke ngicaphuna izihloko zalomthetho engicabanga ukuthi zibalulekile.
Mangiqale ngokuchaza ukuthi kuyini ukuhlukumeza ngokusho kwalo mthetho. Phela uzovumelana nami ukuthi baningi abazoxoshwa emsebenzi ibe bona ngokwabo bengaboni sono abasenzile uma bengaqondi ukuthi kuyini “ukuhlukumeza” ngokomthetho.
Ukuhlukumeza ukuziphatha okungafuneki okwehlisa isithunzi. Okudala isimo esishubile nesesabisayo emsebenzini okuyinto ethinta isisebenzi noma izisebenzi, okunomphumela wokuthi umgilwa ancethezelele isigilamkhuba futhi okuyinto esukela ezizathwini zokwenza okungavumelekile ngoko Mthetho Wezobulungiswa Kwezokuqhashwa uNombolo 55 we-1998. Ukuhlukumeza kungaba noma yini okusukela ezizathwini zokobuzwe, zokobulili, zokocansi, zokukhulelwa, zokuganwa, zangokokuba ngumndeni, ubuhlanga, zemvelaphi yomuntu, zombala wesikhumba, zokuziphatha kwenkolelo emayelana nokocansi, ngokweminyaka yomuntu, zokukhubazeka, zenkolo, zokwamasiko, zokolimi, zokuzalwa, zanoma yisiphi esinye isizapho esenziwa ngempoqo.
Ukuziphatha okungafuneki nakho kuchazwa ngoku kuyinto isigilamkhuba esesiyazi noma kufanele ukuba besiyazi. Lokho kubhekwa ngokuthi umgilwa ubekade esazisile yini isigilamkhuba ukuthi ukuziphatha kwaso kakufuneki yena akakufuni? Ubesazise nqo ngokusho, noma usazise ngezenzo zakhe emva kokuqala kokuhlukunyezwa. Ekugcineni ukuhlonza ukuthi isenzo singukuhlukumeza yini noma qha, kuthathelwa ezinkulumweni ezishiwo ngumgila.
Ukusebenza kwalo Uhla kubanzi. Lo mthetho usebenza futhi uthinte imikhakha eyahlukene yabantu. Usebenza ezisebenzini zaloma luhlobo luni; noma zisebenza embonini ehlelekile noma engahlelekanga; kulabo abasebenzela isihle bengaholi ekusizeni ibhizinisi lomnikazi; kubaqashi; kubanikazi; kumakhasimende; kulabo abaphakela amabhizinisi; kosonkontileka; naku noma ngubani onesandla thizeni ngokwenza noma yin’ephathelene nebhisisini lomnikazi.
Ukuhlukumeza kuba yisenzo esenziwa nqo, noma ngokukhuluma noma ngokuziphatha. Izibonelo zokuhlukumeza yilezi: ukuphoxa, ukuhlaza, ukufafaza amanga, ukugodla ulwazi mayelana nomsebenzi noma ngesisebenzi, ukuketula noma ukucekela phansi ukusebenza komunye, ukusebenzisa inqubo yokuqondisa ubugwegwe ngokungafanele nezinye eziningi ezahlukene.
Ukuhlukumeza okujeziswa kanzima ngokwesenzo esinesihluku esikhulu. Ukunquma ukuthi isenzo sinesihluku esikhulu noma ngesincane, kubhekwa zonke izimo ezimayelana nalokho kuhlukumeza. Kubhekwa futhi ukuthi siyaqhubeka noma besiqhubeka; noma senzeke kanye kuphela sase sendlula. Inhloso yesigilamkhuba kayisisizi ukunciphisa isigwebo esifanele isesenzo saso isigilamkhula. Ukuthi besihlosile yini noma qha, isigilamkhuka; kakusinciphiseli isijeziso kodwa kuyacatshangelwa sekubukwae zonke izimo zalokho kuhlukumezeka. Isibonelo esihle ngesokuhlukumeza okuwububhoklolo noma ukuxhaphaza, noma ubuqwaga (bullying). Lesi kungaba yisenzo esisodwa bese singaqhubeki. Kodwa kuvamile ukuthi siqhubeke, uma nje umgilwa nesigilamkhuba besasebenza ndawonye.
Isibonelo salokhu ukwehlisa isisebenzi esikhundleni noma emsebenzini usigudlulele emsebenzini oholela kancane. Kuyefana futhi nokuthi isisebenzi usinciphesele umhlomulo wokuphela konyaka oya ngokuthi sisebenze kanjani phakathi nonyaka. Okwenzeka komunye engimaziyo esebenza embonini yomphakathi (public sector); ukuhlukunyezwa eqala kwaze kwasekugcineni, waphunyuzwa ukundlula emhlabeni.
UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kwe-CCMA nama-Bargaining Councils ahlukene.