IMarikana iheha ngezizathu ezahlukene kwabe-EFF
Yize bekwamukele ukuba khona kophenyo lukaFarlam abe-EFF, imiphumela iyabaphoqa ukuthi abaqhubeke ukwenza lolu daba lube sezingqondweni zabantu baseNingizimu Afrika ungunaphakade
NGEZIKHATHI zombangazwe cishe zimbili izigameko ezabikwa njengesibhicongo lapho amaphoyisa ombuso wobandlululo aqotha khona ngenhlamvu izakhamuzi ezindaweni ezimbili ezahlukene. Esokuqala kulezi zigameko senzeka elokishini laseSharpeville ngonyaka we-1960 kwathi esesibili senzeka ngonyaka we-1976 lapho amaphoyisa aqotha khona ngenhlamvu abafundi. Lezi zigameko zombili zibe yingxenye yemikhankaso eminingi kuleli kanye nangaphandle kwemigcele.
Isiwombe saseMarikana esenzeke mhla zili-16 kuNcwaba 2012 nalapho kusale khona enkundleni abasebenzi ababalelwa ema-34 naso kwabanye, ikakhulukazi enhlanganweni yezombangazwe i-Economic Freedom Fighters sibukeka sifana nalezi ezinye ezimbili. Njengase Sharpeville naseSoweto, isibhicongo saseMarikana singukhondolo lwepolitiki.
Kusuka ngowe-1960 nangowe-1976 amaqembu ayelwela inkulukeko okuyiPan Africanist Congress (PAC) kanye ne-African National Congrees (ANC) asebenzisa lezi zinsuku ukukhumbuza abacindezelwa ngonya lukahulumeni wangaleso sikhathi. Nembala lokho kwaba yimpumelelo ngoba akugcinanga nje ngokuba kube nezikhumbuzo minyaka yonke kepha kwagcina sekuqanjwe ngisho namaculo ngoba kubantu lezi zinsuku zaba wuphawu lokuzibophezela emigomeni yomzabalazo wabo.
Ngenxa yalo mlando akumangalisi lokhu okwenziwa yiqembu eliphikisayo ePhalamende, iEconomic Freedom Fighters (EFF). Leli qembu lithathele kulo umthwalo wokuba njengoba kwakunjalo ngePAC nange-ANC ‘ngabavikeli’ bomlando waseMarikana. Akuyona imfihlo ukuthi lokhu likwenza ngezinhloso ezithile, ekugcineni nalo liyafana namanye amaqembu asebenzisa lokho acabanga ukuthi kusemizweni yabantu ukufeza izinhloso zalo.
Izinhloso ze-EFF ngeMarikana zaqala ukubonakala ngesikhathi linquma ukuyothula ngokusemthethweni le nhlangano eMarikana. Lokhu kukodwa nje kuzongena emlandweni njengoba iMangaung ngo-1912 yenza njalo ku-ANC, ihholo lase-Orlando East laba njalo ku-PAC kanye nakwaNzimela kwaba njalo ku-Inkatha Freedom Party (IFP). Akumangazanga lapho amalungu aqavile e-EFF aba sekhaleni lemikhankaso yokukhumbuza umhlaba ngalokho okwenzeka eMarikana. La malungu kawagcinanga lapho ngoba loyo onguSihlalo waleli qembu u-Advocate uDali Mpofu ubehamba phambili ethimbeni labameli ebelimele imindeni yalabo basebenzi abasala enkundleni. Ukuzisondeza kobuholi be-EFF nemindeni yalabo abasala enkundleni kwenze le nhlangano yaba ngubuso babo kanjalo nenhlangano ebukeka inendaba nabo. Ngakolunye uhlangothi izimbangi ezinkulu ze-EFF okuyi-ANC zona zabukeka zingasohlangothini lukahulumeni owaba yimbangela yokufa kwabantu. Kule minyaka emihlanu kuqhubeka uphenyo ngalokho okwenzeka, i-EFF iphumelele ukunyundela i-ANC negcine isiqhelile nasezinhlelweni zesikhumbuzo sesigameko saseMarikana kusuka ngowezi-2013. Akulona ihaba ukuthi i-EFF iphumelele ekubekeni i-ANC ‘njengesitha’ engxenyeni ethize yabantu baseMarikana ikakhulukazi izisebenzi, imindeni kanye nezihlobo zalabo ababulawa nalabo abalimala ngosuku lwesibhicongo.
Ngakolunye uhlangothi i-EFF iphumelele ukuzibeka ‘njengabavikeli nabakhulumeli’ beMarikana. Ephawula emuva kokuphuma kombiko weKhomishana kaFarlam ebiphenya ngokwenzeka, umholi we-EFF uMhlonishwa uJulius Malema wazwakalisa ukungenami kwakhe ngemiphumela yophenyo .
“Ngimangele futhi ngiphoxekile, kimi lokhu kufana nephupho elibi nengethemba ukuthi kukhona osazongivusa ngoba kangikholwa ukuthi lokhu kwenzeka kubantu abampofu. Lolu wusuku olubi kudemocracy yethu, imicabango yami isemindenini yalabo abafayo.” Akagcinanga lapho uMalema ngoba wabe esebophezela iqembu lakhe ekuthini lizoqinisekisa ukuthi labo abasemandleni bazojeza ngalokhu okwenzeka eMarikana.
Bambalwa abangaphika ukuthi inkulumo kaMalema yayinenhlese yezepolitiki kunokuzwela imindeni. Lokhu kujwayelekile kupolitiki ngoba cishe wonke amaqembu ayakwenza. Umbuzo ungathi konje i-EFF izozuzani yona ngalokhu. Ngokhetho olwedlule lukazwelonke i-EFF yathola amavoti ayizi-143 683 eMarikana. Osekubhekwe yileli qembu wukhetho lohulumeni bezindawo oluzoba khona ngonyaka ozayo. Ku-EFF, iMarikana imqoka ngoba yilapho efisa ukuba nesibalo esiphezulu sabavoti nokuyosho lukhulu kuyo. Leli qembu liyazi ukuthi ivoti laseMarikana lixhumene nemindeni yalabo ababulawa nalabo abalimalayo, iningi labo elivela eMpumalanga Kapa, ikakhulukazi ezindaweni ezingaphansi kwesifunda i-OR Tambo. Lezi zifiso ziphoqa ukuba ngaphezu kokuthi isiphumile imiphumela yophenyo abavuma ukuba yingxenye yalo, baqhubeke nokukhuluma ngalolu daba ukuze lungapheli emiqondweni yabantu.
Ubuhlakani i-EFF ebenzile ukuze lolu daba lungapheli emiqondweni yabantu wukuthi bayovulela abaholi abaqavile be-ANC icala ngalokhu okwenzeka eMarikana ngowezi-2012. Phakathi kwabaholi abavulelwa icala kukhona neSekela Mengameli wezwe, uMhlonishwa uCyril Ramaphosa. Ukuyisa lolu daba enkantolo noma ngabe bayaphumelela noma qha, kuzoqinisekisa ukuthi udaba lwaseMarikana kalushabalali ikakhulukazi njengoba kuza ukhetho lohulumeni bezindawo kanjalo nalolo lukazwelonke ngowezi-2019. Ngamafuphi, njengoba iPAC ne-ANC bazuza ngokwenzeka eSharpeville naseSoweto, ne-EFF izimisele ukuzuza ngalokho okwenzeka eMarikana.