Sikhulu isikhalo ngobunswelaboya eMpangeni namaphethelo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuvela ukuthi indawo yaseMpangeni iyona ehamba phambili ngamacala okubulala kanye nokudlwengulwa kwabantu abadala nezingane esifundazweni sakwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe uLieutenant Colonel uSimiso Biyela osebenza ehhovisi lamaphoyisa eKing Cetshwayo ngenkathi umasipala wasekulesifunda ubambe izingxoxo namakhosi Eshowe.
Uthe nokuntshonthshwa kwemfuyo kuyanda kulendawo qanti amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ukuqeda lobugebengu.
“Isifunda iKing Cetshwayo sineziteshi zamaphoyisa eziningi okuyizona ezibaluleleke kakhulu uma kuza ekulwisaneni nobugebengu futhi zonke lezi ziteshi zisebenza ngokuzikhandla.
“IMpangeni ibalwa kunombolo-30 eNingizimu Afrika uma kuza emadolobheni anobugebengu obuningi kuleli, iphinde iphume endaweni yesibili esifundazweni saKwaZulu-Natal,” kuchaza uLt Biyela.
Uthe yize amaphoyisa engenalo ulwazi lokuthi yini imbangela yokunyuka kobugebengu kulendawo kodwa basola ukwentula kwamathuba emisebenzi.
“Abantu basuka ezindaweni ezikude ezahlukene beze emadolobheni aseKing Cetshwayo bezofuna impilo encono bagcine bengayitholi imisebenzi bese ephendukela ebugebengwini. Uthola ukuthi omunye ngokuhlukumezeka kwakudala wangathola ukwelulekwa ugcina esenentukuthelo emenza agcine esenyukubeza abanye abantu,” kuchaza uLt. uBiyela.
Uqhube wathi yize ekhuphuka amacala okuntshontshwa kwemfuyo kulendawo kodwa okubulala nawokudlwengula Iwona ahamba phambili, ngakho abomthetho basebenza ubusuku nemini ukwehlisa izinga lawo.
“isiteshi ngasinye sinendawo ehlola amacala okudlwengula ukuze uma kufika isisulu kubekhona abaqeqeshiwe abazoseluleka ngokwengqondo ngaphambili kokuthi amaphoyisa athathe isitatimende,” kuchaza uBiyela.
Uthe liyathembisa izinga lokuxazululeka kwalamacala kulelidolobha yize kungelula ukuthi asheshe aphele ngoba uphenyo lwawo luthatha isikhathi eside.
IMeya yesiFunda iKing Cetshwayo uMnu uThami Ntuli, ithe benza okusemandleni njengabaholi ukulandela nokuqinisekisa ukuthi amaphoyisa enza umsebenzi ofanele ukuxazulula amacala obugebengu kulendawo.
“Thina okwethi ukugada izibalo sibone ukuthi ziyehla noma ziyenyuka. Okusemqoka ukuthi nathi sibambe iqhaza sisebenzisane nabomthetho nomphakathi ukuze wonke umuntu ezozizwa ephephile,” kuchaza uNtuli.