Now Reading
Basathuka izanya ngokubehlele eDRC abeRoyal AM
Dark Light

Basathuka izanya ngokubehlele eDRC abeRoyal AM

Kusenzima kubadlali beRoyal AM ukukhohlwa okubehlakalele eDemocratic Republic of Congo (DRC), ngesikhathi beyodlala neTP Mazembe umdlalo wokuhlungela ukungena kweyamaqoqo eCAF Confederation.

Ngesikhathi elaboHlanga lihambele eMoses Mabhida Stadium lapho kade kuzicija lona leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize, abadlali bebebonakala ukuthi basathukile impela. Ngesikhathi besafika bebelokhu besho ngokuhlukana kwabo ukuthi, “Ilokhu baliqala ibhola bebekuqala lokhu obekwenzakala kubona.”

Omunye wabadlali abakhululume nelaboHlanga uXolani Ngcobo ongunozinti waleli qembu. 

“Okwenzeka eLubumbashi kwasitshengisa impela ukuthi sidlala ekuhambeni, angisoze ngayikhohlwa into eyasehlakalela. Njengenjwayelo onozinti baba namanzi epalini abawabekayp, ngathi ngiyaphenduka awasekho sebewathathile. Ngalethelwa amanye, ngathi ngiyawaphuza asenosawoti. Lokho kwangenza ngihlale ngiqaphe okwenzeka enkundleni nokwenzeka ngaphandle. Ngathi mangitshela unompempe nginabo ubufakazi kodwa wathi umdlalo awuqhubeke,” kusho uNgcobo.

Umdlalo okwabe owomlenze wokuqala, ezaMaMkhize zagcina ziguqe ngamabili eqandeni. 

Eqhuba uNgcobo uthe: “Ngeke ngaqamba amanga singakadlali asihlukumezekanga ngoba uMama wethu (uMaMkhize), wenza isiqiniseko sokuthi siyaphepha ngakho konke kusukela sifika esikhumuleni sezindiza. Inkinga yaba ngosuku lomdlalo, kwathi sekwenziwe konke ezindlini zokushintsha kwabekwa amajezi nakho konke kwangena umuntu wathi asiphumeni. Lokho kwaba ukuqala kwethu ukuhlukumezeka kwaze kwaphela umdlalo,” usho kanje uNgcobo.

See Also

Ukuhlukunyezwa kweqembu lalapha eNingizimu Afrika akuyona into entsha, iMamelodi Sundowns, iSupersport United, i-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs na-AmaZulu FC bayakwazi lokho. Kodwa abaphathi bebhola akukho abakwenzayo. UNgcobo ebuzwa ngokujoyina uthe ubonga ithuba alinikwe uMaMkhize.

“Ngiyabonga ngethuba engilinikwe iRoyal AM, ithuba leli akade ngilifuna ngizimisele ngokuqhubeka nokwenza kahle. Ngifike iqembu lenza kahle, kakhulu ngathola nethuba lokuyodlala e-Africa lokho kusho kukhulu kumina,” usho kanje. Phambilini uNgcobo ubevimba kuThongathi FC olugijima kwiMotsepe Foundation Championship.

Scroll To Top