Now Reading
Abaxhasi bakwenze konke ukukhangisa ngowamanqamu
Dark Light

Abaxhasi bakwenze konke ukukhangisa ngowamanqamu

Kusasa uwodwa umdlalo obhekwe abalandeli bakanobhutshuzwayo balapha eNingizimu Afrika, ilowo obandakanya AmaZulu FC ne-Orlando Pirates. La maqembu azotholana phezulu kowamanqamu koweMTN 8, lo mdlalo uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium.

Engikuqaphelile kunakho konke ngalomqhudelwano ukuthi, abaxhasi bawo bayakwazi ukuwumaketha ngendlela.

Kusukela ngoMsombuluko abadlali abawudlalile lo mqhudelwano, abangamanxusa akhona kaMTN bebehambela izindawo ezehlukahlukene esifundazweni iKwaZulu-Natal ukumaketha umdlalo wakusasa. Kulabo badlali kukhona uNjabulo “Mvonqo” Manqana owagqama kwiLamontville Golden Arrows nowawunqoba lo mqhudelwano ngonyaka wezi-2019, uLucky Lekgwati owawunqoba nePirates, uFabian McCarthy, uJosta Dladla, uMorgan Gould  noBrilliant Khuzwayo abadlala kwiKaizer Chiefs kanye noTyren Arendse wodumo kwiSantos.

Kulabadlali okusuke kunqobe iqembu alitomulile, uthola ithuba lokwenza umqhudelwano emphakathini wangakubo. Lapho kusuke kukhona amajezi akaMTN, izinkomishi nokunye.

Labadlali abahamba nethimba lakaMTN, bakhuluma nentsha emiphakathini bedlale nayo ibhola. Abagcini lapho kodwa bahambela iziteshi zemisakazo, izindawo zamaphephandaba ukuqinisekisa ukuthi bayawusabalalisa kubantu lo mqhudelwano.

Okuhle kunakho konke ukuthi imidlalo eminingi yamanqamu, bayidlalisa kuyo le nkundla okuzodlalwa kuyo kusasa ngoMgqibelo (iMoses Mabhida Stadium). Iqiniso ukuthi esifundazweni iKwaZulu-Natal uyathandwa unobhutshuzwayo

Nabo abakaMTN bayazi ukuthi uma belethe owamanqamu eMoses Mabhida Stadium nakanjani, bazoyenza imali ngokudayisa amathikithi. Umzekelo nje ezinsukwini ezimbili amathikithi adayisa, abePremier Soccer League (PSL) base bememezela ukuthi asedayiswe aphela lapho sikhuluma ngamathikithi ayizinkulungwane ezingama-70.

Ukube lo mdlalo ubuyiswe eMbombela Stadium eMpumalanga, FNB Stadium eGoli, Loftus Versfeld ePitoli noma eCape Town Stadium eKapa amathikithi ngabe awakapheli lokho into engangatshazwa. Amathikithi eGoli aphela ngoba kudlala iSoweto Derby.

See Also

Yize kunezinkulumo uma kulethwa imidlalo emikhulu lapha eThekwini,  kodwa iqiniso lithi akekho umuntu ofuna ukungayenzi inzuzo. Ngaphandle nje kwenzuzo, akekho umuntu ofuna ingagcwali inkundla uma kudlala umqhudelwano awuhlelile, noma ngabe kuthiwa umcimbi wamaciko.

NabakaNedbank bebenza kahle uma kuziwa ekumaketheni iNedbank Cup, ngokuthi benze uhlelo leNedbank KeYona Team Search.

KwiNedbank KeYona Team Search ilapho kusuke kuvukuzwa khona ithanlente entsheni, abali-16 abazogcina bathole ithuba lokudlala neqembu elisuke linqobe umqhudelwano. Akugcini lapho abadlali bathola ithuba lokuziqeqesha neqembu umdlali asuke ezitomulele lona. Kodwa kusukela kwaphela ngaloluhlelo lo mqhudelwano usele ngaphansi kakhulu koweMTN.

Scroll To Top