Now Reading
Abaphathi beMoses Mabhida bathi inkundla isesimweni esikahle
Dark Light

Abaphathi beMoses Mabhida bathi inkundla isesimweni esikahle

Ngeledlule inkundla iMoses Mabhida Stadium ibisingethe umcimbi omkhulu nalapho ISILO besamukela isitifiketi sobukhosi kuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa. Inkundla ibigcwele kakhulu njengoba bekukhona amaButho, izintombi, izimenywa nabanye abaningi.

Ngalokho kube khona ukukhathazeka ukuthi kungenzeka inkundla ilimale njengoba bekunalo mcimbi. Le nkundla kusasa izobe isingethe umdlalo wamanqamu weMTN 8, okuzotholana kuwo AmaZulu FC ne-Orlando Pirates emdlalweni ozoqala libumbene elesi-6 kusihlwa.

Kodwa iMeneja yeMoses Mabhida Stadium uVusi Mazibuko obekhuluma nelaboHlanga, uthe phansi amaphaphu kubantu.

“Sekuyisikhathi eside iMoses Mabhida Stadium isingatha imidlalo yamanqamu iba impumelelo, nakulokhu kuzoba esifanayo. Inkundla isesimeni esijwayelekile, akukho okuphazamisile. Amaqembu azodlala kusasa akukho azokhala ngakho, okufaka indaba yenkundla” kusho uMazibuko.

Kulindeleke ukuthi iMoses Mabhida Stadium, igcwale ithi phama njengoba amathikithi kungaphelanga izinsuku ezingakanani kwabikwa ukuthi aseephelile njengoba ayethengiswa okwamakhekhe ashisayo. Abantu okulindeleke ukuba babekhona balinganiselwa kwizinkulungwane ezingama70.

Eyala abalandeli uMazibuko uthe: “Koba kuhle ukuthi abantu befise kusabesikhathi enkundleni. Amasango azovulwa ngehora lesi-3. Ngiyazi abanye bazobuza ukuthi bazobe benzani kulawa amanye amahora, engingakusho ukuthi abakaMTN noPSL kukhona abakuhlelile okuzokwenzeka okufaka ukunandisa kwabaculi beqophelo eliphezulu. Ukufika kwabalandeli kusenesikhathi kuzogwema isiminyaminya esiba khona ngaphandle kwenkundla. Okunye siyacela ukuba abantu bengafiki ezinkundleni bephuze kakhulu uphuzo oludakayo, ngoba abanye bagcina bengasazi ukuthi bazohamba ngani abanye basuke sebelele” kubeka uMazibuko.

See Also

Okunye uthe kuzobe kunomcimbi ozobe ukhona eHollwoodbets Kings Park Stadium okuthiwa iGcwalisa Spring Picnic kusho ukuthi kuzobe kugcwele eThekwini ngalokho abantu kuzomele basondele enkundleni ngesikhathi.

Yize bebhekelele iMoses Mabhida Stadium esetshenziswa Usuthu uma ludlala ekhaya, kodwa uthe ufisela womabili amaqembu okuhle iqembu elizonqoba bazolibongela.

Iqembu elizodla umhlanganiso lizogoduka nezigidi eziyi-8.

Scroll To Top