Unyaka okwahamba ngawo abazali bethu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umlando kaZulu njengalowo wezinye izizwe uhlobe ngobuqhawe namashwa. Kuba khona isikhathi lapho kunenala, kubuswa. Lapho izintombi nezinsizwa zizigqaja, lapho imizi eyakhile inokuthula nokuzwana. Lapha izwi lakoMkhulu lelapha, libumba futhi livikela lokho okungamafagugu.
Kepha khona lapho kukhona izikhathi zendlala, unya nezimpi. Lapho imilando iphendukezelwa, ulimi lwabaphethe lubhidliza kunokwakha.
Isikhathi lapho umndeni nesizwe kwehlukana phakathi nayilapho abayizinsika zesizwe beguqa.
Unyaka wezi-2021 uyongena emlandweni njengonyaka lapho uZulu cishe wemukwa konke. Unyaka lapho ISILO esabe sesibuse iminyaka ecela kwengama-50 sebuza khona. Okuthe kusenjalo, isizwe neNdlunkulu besaqhatha usizi kwase kuwa iNdlovukazi kaZulu, iGwalagwala intombi kaSobhuza wamaSwazi.
Kepha akugcinanga lapho ngoba kukuwo lowo nyaka lapho kwaqala ‘ukudideka ezweni, iningi elithi kwabe kungokwamabomu ekutheni ngubani ozohlala eSihlalweni seMbube endala, esihlalweni saMakhosi oselwa.
Sekungumlando ukuthi lombuzo sewaphenduleka, kwanokuvuma kwabaphilayo nabangasekho ukuthi okhalweni lweGwalagwala kwahlala imbewu eyabe iyothi ingaqhuma ikhule ilinganwe futhi ifanelwe yiSihlalo. Usehleli umzukulu weNkunzi elukhanda lubanzi yakoMathathela.
KuMzulu oqaphelayo konke lokhu okwenzekile ngonyaka wezi-2021, okuhle nokubi kube nezifundo. Sonke sifundile ukuthi ekugcineni sonke singabeSihlalo sona esingaguqukiyo.
Okuthi noma ilanga liphuma libuye lishone kepha sona simile. Okunye okube yisifundo wubumqoka besizwe eduze kweSihlalo, ukuthi oseSihlalweni uyiNkosana yesizwe.
Okunye okumqoka wukuvela kwesifundo ngezinhlaka zoBukhosi kanye neNdlunkulu kanjalo neqhaza lazo ekuvikeleni lokho okuyifagugu lethu.
Nembala akubi kubi konke ngoba namuhla ngenxa yomuga lona umhlaba uyazi ngoZulu, uyazi ngesihlalo sakhe nangalokho okungamasikothi namasiko.
Lona kwaba ngunyaka osiphenyela ikhasi elisha nelibukeka lizoqhubeka lapho abadala bethu babeshiye khona.