Now Reading
Ziphinde zashiya ezingalazi kuMengameli ezikaSteenhuisen ngezimali
Dark Light

Ziphinde zashiya ezingalazi kuMengameli ezikaSteenhuisen ngezimali

IDemocratic Alliance (DA) ikhwele yadilika kuMengameli Cyril Ramaphosa lapho ithe sekwanda kakhulu  ukusebenzisa kwakhe izimali zomphakathi.

Lokhu, ngemva kokuvela kwezithombe zikaRamaphosa ehla ngendiza enophephela emhlane yeSouth African National Defence Force (SANDF) eWelkom, eFreestate.

Wayezobamba iqhaza emkhankasweni we-African National Congress’ (ANC) Letsema futhi axoxisane namagatsha eqembu.

Ilungu leDA ePhalamende nophinde akhulumela iDA kwezokuphepha nezobulungiswa kuNational Council Of Provinces (NCOP), uGeorge Michalakis uthe uRamaphosa akumele afiphaze umehluko phakathi kweqembu lakhe nohulumeni.

See Also

“Izithombe ngizithunyelelwe yikhansela leDA. Yebo, ungumongameli wezwe futhi unelungelo lokuphepha nokuvikelwa kodwa kufanele sizibuze ukuthi kunini lapho sizovuma ukuthi lokhu sekuqale ukwanda kakhulu. Asikholelwa ukuthi ukusebenzisa indiza enophephela emhlane yezempi kube nesandla ekuphepheni kwakhe nakancane,” kuphetha uMichalakis.

Scroll To Top