Now Reading
Basale enkundleni ababhikishi bedutshulwa
Dark Light

Basale enkundleni ababhikishi bedutshulwa

Idlanzana labantu lidutshulwe eKenya, abanye bashona, ngesikhathi abezokuphepha bebhekene nababhikishi ezweni lonke bebhikishela izindleko eziphakeme zokuphila kanye nokunyuswa kwentela, ngoLwesithathu. 

Abazibonele ngawabo bathi ababhikishi bajikijele amaphoyisa ngamatshe bashisa namathayi emigwaqweni, kanti abezokuphepha baqhumisa isisi esikhalisa izinyembezi. Bekungumzuliswano wesithathu wemibhikisho emelene nohulumeni ebizwe amaqembu aphikisayo  ngale nyanga. 

Amaphoyisa abophe okungenani abantu abangama-300 ezweni lonke, okuhlanganisa izikhulu zeqembu eliphikisayo ayisishiyagalolunye, ngokusho koMnyango Wezangaphakathi kanye nommeli ophikisayo. Izikole zavalwa enhlokodolobha iNairobi, idolobha eliyitheku laseMombasa kanye neKisumu, idolobha lesithathu ngobukhulu ezweni. 

Isikhungo sedolobha laseNairobi besingenamuntu njengoba amabhizinisi amaningi evaliwe, kuyilapho amaphoyisa ebeka izindawo zokuhlola emigwaqweni ebheke eState House, lapho kuhlala khona uMongameli uWilliam Ruto. 

U-Ruto wakhethwa ngoNcwaba odlule ezibophezela ukuthi uzolwela izidingo zabampofu kodwa amanani ezinto eziyisisekelo akhuphukile ngaphansi kwahulumeni wakhe  futhi ngenyanga edlule uhulumeni wakhe waphasisa ukwenyuswa kwentela. Uhulumeni wathi kudingeka intela kaphethiloli neyezindlu ukusiza ukubhekana nokukhula kokukhokhwa kwezikweletu kanye nokuxhasa izinhlelo zokudala amathuba emisebenzi. 

Ezinxushunxushwini zangoLwesithathu, abantu abayisikhombisa bangeniswe eNakuru County Referral Hospital ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa. I-Citizen TV ibike ukuthi abantu ababili badutshulwe babulawa eNakuru, eRift Valley, ngaphandle kokusho ukuthi ngobani. UMnyango uthe labo ababoshiwe bazobhekana namacala ahlukene okubalwa awokuphanga, ukucekela phansi impahla kanye nokushiswa kwempahla. 

See Also

Edolobheni I-Migori entshonalanga yeKenya, abantu ababili badinge ukwelashelwa amanxeba okudutshulwa ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho. Kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa kwathi omunye walimala edolobheni eliseningizimu neMakueni. I-Citizen TV iphinde yabika ukuthi abantu ababili badutshulwe balimala eNairobi, kanti iphephandaba iStandard nalo libike ukuthi kudutshulwa abantu ababili enhlokodolobha. 

“Lo hulumeni wephula umthethosisekelo ngokusiphatha ngesihluku ngenkathi sizama ukuhlonipha umthethosisekelo ofanayo ngemibhikisho enokuthula,” umbhikishi waseMombasa owaziqamba igama lakhe, u-Eric, utshele abeReuters ngesikhathi emthela ngamanzi ebusweni ukuze ageze isisi esikhalisa unyembezi. 

Izikhulu zamaphoyisa azizange ziphendule izicelo zokuphawula. Amaloli amabili ama-water cannon kanye nenqwaba yamaphoyisa abhekela izinxushunxushu abekwe esangweni laseKibera, idolobhana elihlala imijondolo eningizimu-ntshonalanga yeNairobi. Ababhikishi bashise amathayi bajikijela namaphoyisa ngamatshe, abe esephendula ngesisi esikhalisa unyembezi. Isiteshi sikamabonakude esilawulwa yiqembu eliphikisayo i-Azimio La Umoja sithe umkhulumeli womholi walo uRaila Odinga uboshiwe. 

Scroll To Top