Nanamuhla imvelo isabambene okwesiqalekiso sakudala



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuqala, abantu abaMnyama babesondele kakhulu endalweni nasekuphileni impilo yemvelo, njengaleyo eyayiphilwa nguAdamu noEva ensimini yase-Edeni, bengakayengwa yinyoka, futhi ingakangeni impehlwa yokuphila impilo ekude nemvelo eyabangelwa ukuvuleka kwabo amehlo, bethi sebezokwazi okuhle nokubi, kanti sebezithezela olunenkume, okuthiwa kwaba yikhona ukuwela esonweni, uNkulunkulu wabaxosha ensimini yasePharadisi, esebehlukanisa nokuphila impilo yemvelo, ingani babona ukuthi uma beyilokhu benzelwa uNkulunkulu konke, bayobe abahlakaniphile, kanti kwaba yilapho-ke bezethwesa umshikashika wokuthi bayazi kanti abazi lutho.
Lomshikashika wokuphila kude nemvelo waqala khona lapho. Esikhundleni sokuba imvelo ibenzele konke, bakufice konke sekulungile, sekumi ngononina, sekushaye uklele kuhle okoklele lwamaswidi akwaBhaklili, badle, balale, bavuke, baphuze, baphile lmpilo yomphilelafuthi eyabonwa unwabu mhla lwaluthunywe ukutshela isiNtu ukuthi asisoze safa, kanti seluzolibala ukudlana nobukhwebezana, kwaba ukubhuntsha kwawo umphilelafuthi siNtwini, kwangena ukufa okwabikezelwa yintulo, yona okwathi uma ithunywa, yaqenqetheka ithwele ikhanjana layo, isho ngamehlo eqhalaqhala elimehlo asenhloko, yalwedlula endleleni unwabu lusabanjwe ubukhwebezana bemvelo, yedlula ngomshubo ngadli nakudla, ingaphuzi nakuphuza, yafika yasitshela isiNtu ukuthi sesizokufa, sehlukane nempilo yemvelo.
Mhla lokho abantu bokuqala bezishaya izihlakaniphi, belandela ubuqili benyoka, eyaqiliga owesifazane u-Eva, naye wathwala khanjana eselibangise endodeni u-Adamu, wayitshela ukuthi ayidle umuthi wenhlakanipho uNkulunkulu ayebenqabele wona. Wathukuthela wathelwa ngamanzi uMdali, wabaqalekisa ngesiqalekiso sokuthi abasayikuphila ngendlela emnandi yemvelo, engenalo usizi nezinhlungu nezinhlupheko, wathi sebeyophila ngokuziphandela, badle okwezithukuthuku zamabunzi abo, ba,lime umhlaba, batshale imbewu, bahlakule, bavune uma uyena enise imvula eyokhulisa abakutshalileyo, uma engayinisanga, kube yindlala nokomisa nephango.
Wathi, izinhlupheko ziyokuba kowesifazane uma ezala abantwana, uyobangwa nengcwaba, mhlawumbe umthwalo wemuke nenkatha, kumbe kwemuke inkatha kusale umthwalo noma kwemuke umthwalo kusale inkatha. W athi enyokeni, iqalekisiwe phakathi kwaso zonke izilwane zasendle; izakuhamba ngesisu sayo phansi, idle uthuli izinsuku zonke zokuphila kwayo.
Wayiqhatha impi yokuthi inzalo yowesifazane kanye nenzalo yenyoka iyobukana ngamehlo abomvu, eyowesifazane iyochoboza ikhanda lenyoka, eyenyoka ilimaze isithende sowesifazane. Nanamuhla isabambene eyesiqalekiso, esenza ukuba imvelo ilwe nemvelo, kuphihlizwane amakhanda kulunywane izithende. Kwaze kwavela isaga esithi: “Inyoka, umabonwa abulawe!”
Ubuhlungu baqala mhlalokho, mhla kwakuthiwa kowesifazane uyobangelwa bona bubebukhulu ekukhulelweni kwakhe, kwathiwa uyobeletha abantwana ngobuhlungu. Kwabekwa nomthetho kwasebezama ukulithintitha manje ijoka lokuphila eduze nemvelo, umthetho wemvelo owathi kowesifazane: “Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona iyakukubusa.”
Waqala-ke umuntu waphila ngokukhandleka, waphila ngezithukuthuku zakhe, washiphashipheka kukho konke, ethi uwenza ubelula lomshikashika wokuphila kude nemvelo, kwaba nhlanga zimuka nomoya, ngoba esikhundleni semifino, umhlaba wamvezela ugagane nameva namakhakhasi, ngoba nawo umhlaba wawusuqalekisiwe ngenxa yokwedelela komuntu, eqhuba intwala ngewisa.
Kwathiwa-ke umuntu uyokudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Kwathiwa-ke kumuntu uyokudla isinkwa sakhe ngesithukuthuku sobuso bakhe aze abuyele emhlabathini, lo athathwa kuwo; ngokuba engumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi, aphindele emhlabathini. Lagcwaliseka elithi umuntu uyokwehlukana nemvelo ngokufa. !saga senanelwa yibo bonke abasebebambe elentulo bethi: “Sibambe elentulo!”
Ekudabukeni kwalo elakwaZulu lalinjenge-Edeni lasendulo, ngoba vele nje umhlaba yilona i-Edeni lomuntu. Imithi yalo kungeyemvelo, imilahlankosi, isibhubhu, umnungumabele, umqoqongo, umfusamvu, amaviyo, imiganu, imindoni nemimfomfo kanye neminye imithi edliwayo nengadliwa.
Utshani lobu kuyilobuyana obabukhuluphalisa izinkomo ziqhume-insinde ikhona, kukhona nomtshiki, nobhaqa noqunga, kusikwa, kuduzwe izindlu uma sekwelukwe izihlandla, kwelukwa nezintambo zomtshiki noqondo nezenxoza.
lmifula ya-lo kuyilena ehlala igcwele ebusika nasehlobo, ekwindla nasentwasahlobo, kuyilena eneziziba ezidle ngokujula eziyikhaya lezingwenya, iminingi, izimvu zamanzi, amavezimanzi, awoxamu lahoshoza neziziba zonke, amabhekezansi phela, nazozonke izinhlobo zamaxoxo namadwi.
Leziziziba zazisathandwa imihlanga, ikhwane, ibhuma, nocwazi luzimilela nje ngakuzo, luhlale luluhlaza ewe ebusika nasehlobo kuhle okwemfe yamaxoxo.
Izinyoka zalo zingangobaba, inhlwathi, imamba emnyama neluhlaza, izindlondlo ezinophaphe ekhanda, ibululu (ihobosha), ihunqu, imfezi, uphempethwane, inhlangwane, umhlwazimamba, insuze, umdlume, nezinye izinyoka ezidlelwa izibiba nezingadlelwa zibiba.
lzilwane nezinyamazane zazisadla dlelweni linye, ibhubesi (ingonyama okuyinkosi yezilwane) ingwe edla ngamabala, ihlosi, ubhejane, imvubu, indlovu, inyathi enokhanda olunjengetshe, imfene, isangci, umpheme, unogwaja, intenetsha, impisi nempungutshe, ububhibhi, imbila (ugamfi wezixhobo nezixe nemigede nemihhume) iklolodo, ingungumbane, isambane, inkonkoni, inyala, impunzi, umgakla, iwule-singazibala sithini, ngoba nazo zazizihambela nje zicanasa, ziphila emvelweni ngoba nazo ziyimvelo.