Umholi wezempi ubeke imibandela ngaphambi kokuhoxa
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ozibize njengomholi wezempi eBurkina Faso uCaptain Ibrahim Traore ukwamukele ukwesula okunemibandela okuhlinzekwe nguMengameli uPaul-Henri Damiba ukuze kugwenywe olunye udlame ngemuva kokuketulwa kombuso kwangoLwesihlanu, ngokusho kwabaholi bezenkolo nabendabuko ngeSonto.
Ngokwalesi sivumelwano, esimenyezelwe esithangamini sabezindaba, uTraore uvumelene nemibandela eyisikhombisa, okuhlanganisa nesiqinisekiso sokuphepha kukaDamiba nokuphepha kwamasosha amesekayo, kanye nokuhlonipha izethembiso azenza kunhlangano
yesifunda saseNtshonalanga Afrika zokuthi abuyele kumthethosisekelo. NgoNtulikazi wezi-2024.
UDamiba akatholakalanga ukuba aphawule ngaloludaba. Ilungu lomndeni eliseduze litshele
abeReuters ukuthi ulifulathele lelizwe ngeSonto.
UTraore uthe ukuthula nokulawuleka kuke kwabuya ngemuva kwemibhikisho enodlame emelene nenxusa laseFrance kanye nezinsuku zokulwa njengoba iqembu lakhe lalizama ukuketula uhulumeni. Kuye kwavela ukwehlukana phakathi kwebutho, njengoba amasosha amaningi abonakala efuna ukusekelwa kweRussia njengoba ithonya elaliphethe lelizwe ngobuKoloni iFrance lincipha.
Okungenani amavidiyo amathathu ahlukene abiwe ku-inthanethi ngoMgqibelo nangeSonto akhombise amasosha ephezu kwezisebenzi ezithwala izikhali, ephephezelisa amafulegi aseRussia, kuyilapho isixuku ebesizungezile sicula simemeza sithi, “Russia! Russia!” IReuters ayizange iwaqinisekise amavidiyo. Ithimba likaTraore linxuse abantu ukuthi bamise ukuhlasela kwendlu yobunxusa laseFrance (embassy), okube ngenxa yokuthi ababhikishi ngemuva kokuthi
isikhulu sithe iFrance ibikhoselise uDamiba esikhungweni samasosha aseFrance ezweni laseNtshonalanga Afrika nokuthi uhlela ukulwa nabo.
UMnyango Wezangaphandle eFrance uphikile ukuthi lesi sizinda sasingatha uDamiba ngemuva kokuxoshwa kwakhe ngoLwesihlanu. UDamiba uphinde waphika ukuthi usenkambini yeFrance, wathi le mibiko iwukudunga imibono yomphakathi ngamabomu.
“Sifuna ukwazisa umphakathi ukuthi isimo siyalawuleka futhi nokuhleleka kuyabuyiselwa,” kusho isikhulu samasosha esitatimendeni esisakazwa kumabonakude kazwelonke.