UMantashe useqalile ukuziphendlela indawo yehlandla lesibili



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
USihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnu uGwede Mantashe usenxuse amagatsha ukuthi axoxisane futhi acubungule abantu afisa ukubaqokela ezikhundleni zeqembu engqungqutheleni ezayo.
UMantashe ubekhuluma namalungu eqembu ngesikhathi ethula isifundo sesikhumbuzo sikaDumisani Mafu eButterworth. UMafu wayengusihlalo wokuqala we-ANC e-Eastern Cape ngemuva kokuhoxiswa kokuvinjelwa kweqembu.
UMantashe uzongenela ihlandla lesibili esikhundleni sokuba nguSihlalo kazwelonke. Unxuse amagatsha ukuthi agweme izimpi zokuqembukelana ngoba lokho kuzosho ukwehla kwabavotela leliqembu okhethweni “Yingakho kubalulekile ukuthi amagatsha axoxisane ngabaholi hhayi ukuthi athole uhla lwanoma ngubani bese lulandela bona ukuthi yini le ethathwa yilo mholi emaqoqweni ebaluleke kakhulu,” kusho uMantashe