SingaboHlanga asikukhombisi ngokwanele ukulondolozwa kwezilimi zethu


Kungani sisehluleka noma singazami ukugqamisa kuzwakale, kucace ukuthi singabanini balezo zilimi zebele zezibongo zokhokho, zakogogo nomkhulu. Sibe singekho ndawo nasezilimi zase-Europe esingagcwele kuzona nakwezebele ngolwazi kuthi khaxa, sidle ngokugxamalaza ezilimini zebele.
Ukulondolozwa nokuzigqaja ngezilimi zebele zendabuko, phakathi kwami nawe, asikukhombisi ngokwanele, ngokuqala emaxhibeni, emisakazweni, komathelevishini, emasontweni, ezinkundleni zokuxhumana nakwezinye izingxenye ukuthi kusemizweni yegazi lethu ukuthuthukisa nasekuphephezeliseni phezulu izilimi zethunga, zendabuko eAfrika, zizichome uphaphe lwegwalagwala.
AboHlanga abakhombise ukuthi asiwona amawuwa noma asikakabi ngamawuwa, okulanywa ukuba ngabazenzisi bezilimi zebele, abangamagwala asesaba abamhlophe basemaphalamende nabehlukene base-Europe nabalana ezweni esilakheleyo.
AboHlanga abangazenzisi uma bethi bangabalolo limi lwebele lwase-Afrika noma singama-Afrika. Ngisho abezilimi zebele isiChichewa, isiNgoni, isiSenna saseMalawi, isiShona saseZimbabwe, isiKikuyu saseKenya, isiLozi saseZambia, itjiHerero saseNamibia nezinye.
Njengokuthi, aboHlanga bolimi olulodwa noma bendawo eyodwa, abakhombise kuqala emaxhibeni, uthando lwezilimi zebele, zendabuko, zemindeni yaboHlanga base-Afrika.
Uma kungaboHlanga bezilimi ezahlukene abaganene, abazikhulume izilimi zebele zakubo, bafundise, kuzuze izingane zabo ezilimini zebele ezehlukene. Kuyaye kudabukise ukubona aboHlanga bezikhuluma izilimi zebele zasemakubo kodwa lutho (dololo) ezinganeni zabo. Kanti uma kuwumlungu nowoHlanga abaganene, abaziphakamise zombili izilimi zabo, ukuze kusizakala izingane ngolwazi lwezilimi ezehlukene.
Wayekhuluma ulimi lwebele isiBhunu, uNkk uMarie Delport, kwaMTC eMobeni, mayexoxa nomzukulu wakhe. Kodwa akhulume ngesiNgisi uma kunabangasazi isiBhunu ngowezi-2013 ngenkathi engichazela, ngathi ngangikuthanda ayekwenza.
Ngiyaye ngibathethise aboHlanga engibaziyo nengibejwayele, njengokuthi omunye ukhuluma iseSotho omunye isiZulu noma bazikhuluma zombili ekhaya, kodwa izingane zabo zikhuluma ulimi olulodwa kulezi zebele zabo. Ngiye ngithi abangabi nomona ngokuba kube yibona abakwazi ukukhuluma izilimi ezehlukene. Abanye baye bangibikele ukuthi bayazifundisa ngokuzithuma izinto bekhuluma izilimi zebele. Abanye bathi kwazona izingane azinantshisekelo yezilimi zebele ekubeni nasesiNgisi azibona ongqeqe kusona.
Okokuqala, usopolitiki woHlanga akangesabi ukukhuluma ngolimi lwebele lwakubo noma ngabe ukuphi nomhlaba, bese kuba nesihumusho asibhalile noma kube nozotolika ngolimi lwebele lwalabo boHlanga athula khona inkulumo yakhe. Bangahumusha noma bangatolika nangolimi lwesiNgisi benzele ezinye izinhlanga.
Okwesibili abangabukeki sengathi balobizela imali, ukukhethwa nokuphatha izikhundla ezweni. Uma ngempela bakhathalele umuntu omnyama njengoba behlale besho imihla namalanga.
Kuyadumaza ukubona ephalamende kusukuma usopolitiki woHlanga wolimi oluthile, ethula inkulumo ngolimi lwesiNgisi, esikhundleni sokukhuluma ngolimi lwebele lwakubo. Engabe wethula inkulumo, bese kuyatolikwa, kufundwe noma afunde isihumusho sakhe. Kuthi cosololo uma ubona usopolitiki weBhunu ephalamende eyethula ngesiBhunu
Kunesithombe sokuthi, osopolitiki boHlanga ephalamende, ababhekisile kwaboHlanga bakubo kodwa babhekise kubelungu baseNingizimu Afrika nabaphesheya ko-Europe, ko-United States of America nabakwamanye amazwe, ngoba izwe lisaphethwe ngabamhlophe isinyelela.
Okwesithathu abangathi kuzochitha isikhathi, vele siyachithwa isikhathi ephalamende ngamaqembu aboHlanga, ngezinkulumo ezingenalusizo emphakathini waseNingizimu Afrika. Isikhathi basichitha ngokufisa kuphele amanye amaqembu okuyinto esisayibona. Babambisana ngokwamaqembu epolitiki ehlukene ngapha nangapha, kungekho okugqamileyo osekwenziwa ngamaqembu abo, yonke leminyaka besephalamende.
Basehluleka ukuqhakambisa izilimi, ukuzigqaja ngezilimi zebele zasemakhaya, into elula kangaka. Asibezwe behumusha amagama, bewasusela esingisini kuye ezilimini zebele zasemakubo.
Bazozenza kanjani izinto ezilukhuni, ezinjengokuvula amathuba emisebenzi, izinkampani nokunye, besahluleka ukuvula amathuba emisebenzi, ngokhululuma ngezilimi zebele, ukuze kuqashwe abazotolika nabazohumusha izilimi zebele zabo, zethu. Basehlulwa ukubonela kwiNhlangano yoBumbano lweZizwe, neye-Afrika eBumbene ngotolika.
Kungaba abasakazi noma ngodeejay emisakazweni, kumathelevishini ikakhulukazi okwasungulwa ngabamhlophe ukusakaza ngezilimi zebele zaboHlanga. Kulandele abasemasontweni, abathanda ukubhala ngezilimi zethunga nabasethubeni eligqamileyo, lokuthuthukisa itshiVenda, isePedi, iseSotho, iseTswana, ixiTsonga / isiShangane, isiSwati, isiNdebele, isiXhosa, isiZulu, isiKhoisan nezinye zase-Afrika, ukukhombisa intshisekelo njengabaphambilini kwabo, ababethanda izilimi zebele.
Kwezwakala isimemezelo emisakazweni, ngenyanga uMandulo,yokuzigqaja nokuqhakambisa ifagugu, mhlazingamashumi amabili nane, kowezi-2022, ukuthi iNhlangano yoBumbano lweZizwe, ngaphansi kophiko lwezeMfundo, lwezeSayensi nesikompilo, ebizwa ngokuthi i-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organisation ngamafuphi iUNESCO, yaphakamisa ukuba kuqhakambiswe, kugqajwe, kuvikelwe izilimi zendabuko kusukela kowezi-2022 kuya kowe-2032, emhlabeni.