Now Reading
Ingozi yasophongolo namalungelo ezingane
Dark Light

Ingozi yasophongolo namalungelo ezingane


Njengawowonke umuntu izingane zinelungelo lokuphila kepha indlela ezibhubha ngayo emgwaqeni ngenxa yokwephulwa komthetho izephuca leli lungelo


Bangani bami ngiyabingelela kini nonke. Ngibingelele nakuba bazali  nothisha engaziyo ukuthi nabo bakhona lapha. Ngibongele nalabo abakade beyingxenye yoMkhosi woMhlanga ngesonto eledlule. UMkhosi ube yimpumelelo njengoba izibalo zikhonjwa ezintombini eziyizinkulungwane ezigama-50. Asizwanga lutho olwenzekile sekubuyelwa emakhaya. 

Nokho kubo bonke lobu buhle esikubone eMhlangeni  kube khona okube buhlungu okuvelele izingane zaboHlanga entweni yamabomu (ebizwa ngengozi) eyenzeke oPhongolo. Ngokwemibiko iloli lishayise imoto ebithwele abantu oningi labo okuyizingane zesikole. Kulesi sigameko kushabalale abantu ababalelwa ema-21 oningi labo kuyizingane zesikole.  

Iningi labantu kusuka kuhulumeni nomphakathi basole umshayeli weloli kufanele. Nokho kube kuncane ukusola noma ukubuza ngokuthi ibhakhi lona bekulungile yini ukuba lithwale abantu. Akekho obuzile ukuthi yena uhulumeni ubehlinzekele yini izingane zaboHlanga emakhaya ngezinto zokuhamba. 

Lemi buzo engenhla bangani bami imqoka ngoba yonke ithinta amalungelo ethu zingane ezweni. Ilungelo lethu elikhulu yilelo lokuphila. Iizngane lezi ezabe zigibele ibhakhi zemukwa ilungelo lazo lokuphila. 

Elinye ilungelo wukuthola imfundo. Lezi zingane zalimala zibuya ukuyothola imfundo, kwathi ngokuphangalala kwazo kwathathwa kuzo ilungelo lokuphila nokuthola imfundo.

UThini umthetho ngamabhakhi?

Kwenzeka konke nje lokhu ikhona imithetho yezwe eyengamele ukuthuthwa kwezingane, ikhona ngisho imithetho yemigwaqo.  Akukho ukungabaza ukuthi ukube yonke yalandelwa ngabe izingane zesikole zisesikoleni namuhla.

NgoLwesine zi-11 kuNhlaba wezi-2020 kwaqala ukusebenza umthetho onemibandlela ngohlelo lwezokuthuthwa kwabafundi ezweni. 

Ngokwalo mthetho Nombandela onguNombolo 250 weNational Road Traffic Act (NRTA), kwakusho ukuthi kusukela ngalolu suku, akekho umuntu owayesevunyelwe ukuthutha abafundi ngesithuthi esingagunyaziwe okanye azilayishe esikhenkeni lapho kulayishwa khona impahla, ekwenza lokho ebheke inkokhelo. 

Ukwethulwa kwalo mthetho kwabe kufana nokuthathwa kwegxathu elimqoka endleleni ebheke ukubeka eqhulwini ezokuphepha emgwaqeni. 

Lokhu kwakuchaza nokuthi labo abathutha izingane zesikole ngezimoto ezingagunyaziwe ukuba semgwaqeninoma ezingakhelwe ukuthutha abantu njengamaveni, kwakuzodingeka bazilungise izimoto zabo zibe sesimweni sokuba semgwaqeni kuthi abamaveni bathole izimoto ezigunyazwe ukuthwala abantu.

Umbuzo kulokhu uthi ngabe iveni leli labe likulungele yini ukuba semgwaqeni? Khona ukuthutha umphakathi nezingane zesikole kwalo  kwabe kusemthethweni yini?   

See Also

Yize lemibuzo ingeke ikuguqule noma iqede ubuhlungu balokho okwenzeka kepha iyolekelela ekukhulumeni nase kuqhamukeni nesixazululo ngomuso.

Isibalo siyakhula

Izingozi zomgwaqo yizo ezinkulu kakhulu ezintweni ezibulala izingane eNingizimu Afrika. Lokhu kwenzeka noma zishayiseka okanye zingabagibeli.

NgokweRoad Traffic Management Corporation (RTMC) ngonyaka we-2019, kwadlula emhlabeni izingane eziyi-1017 kwathi ezingama-45 000 zangeniswa ezibhedlela ngenxa yokulimala ezingozini zomgwaqo. 

Kwezinye izingane impilo yashintsha futhi ayisophinde yafana. Ukushona kwezingane emgwaqeni kuyingxenye eyi-8%wezingozi zomgwaqo ezweni ngalowaya nyaka. izingozi eziningi kwaba ngezokushayiseka kwezingane zihamba emgwaqeni, ezinye kwaba ngezokushayisa nezimoto ziphakathi. Ingxenye enkulu yezingozi yenzeka ezifundazweni ezintathu okuyiKwaZulu-Natal, iGauteng ne-Eastern Cape. Ngonyaka we-2020, isibalo sezingane ezashona ezingozini zomgwaqo sasimi kuma-34%, sisuka kuma-31% ngowezi-2019.

Ukukhula kwalezi zibalo kusho ukukhulu kwezingane ezilimalayo nokukhula kokwephula kwamalumgelo ezingane okuwukuphila, ukuphepha kanye nokuthola imfundo.

  • Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com
Scroll To Top