Now Reading
Ichitha isizungu iphinde ifundise imidlalo ehlukene yezingane
Dark Light

Ichitha isizungu iphinde ifundise imidlalo ehlukene yezingane

Ukhelekhele

Ukukhelezakubonakale ukuthi ngubani ozoshiywa ngomlenze owodwa. Kwesinye isikhathi kudwetshwa iziyingi enhlabathini umuntu agxumagxume engena ephuma kulezi ziyingi engavunyelwe ukuba anyathele phansi ngalolu olunye unyawo.

Ukubala izinyoni

Lona ngumdlalo ojongo yawo kuwukufundisana amagama ezinyoni ezahlukene, kanti futhi uqeqesha nengqondo ukuba ikhumbule. Unandiswa ngokuhlabelela nokuvumelana kanje:

“Wena usematholeni,  Bhula bunsekenseke bhula bunsekenseke.

Oyedwa: “Wena usematholeni, isagwaca ija ekhulu!”

Iningi: “Bhula bunsekenseke – Obhula bunsekenseke.”

Oyedwa: “Wena usematholeni, ivukuthu ija ekhulu!”

Iningi: “Bhula bunsekenseke, Obhula bunsekenseke.”

Oyedwa: “Wena usematholeni, impangele ija ekhulu!”

Babelokhu bevuma njalo abanye kuze kubonakale ukuthi lona obalayo uhiqiza kuphi. Abanye bathatha isikhathi eside ukuhiqiza abanyeke basheshe baphume ngoba sebehiqize masinyane.

Ukubumba izinkomo nokuziqhatha

Umdlalo wokubumba izinkomo muhle ngoba ufundisa izandla ukwakha imisebenzi yobuchwepheshe. Izinkomo zibunjwa ngodongwe. Lo msebenzi uvamise ukudlalwa ngabafana lapho belusile. Bazibumba maqede izinkabi nezinkunzi nezinkomazi, bese bezeqhatha kube ubunqumunqumu yilowo elwisa eyakhe eyibambe ngesandla kuze kubonakale ukuthi ngekabani eyephuka izimpondo ikhumuzeke ize iphele.

Ukuciba insema (noma ukuhlaba insema)

Lona ngumdlalo owawunesasasa elimangalisayo kwaZulu. Kusobala ukuthi okwakwenza lokho yingoba wawufundisa abafana ukugwaza nokuciba.

Insema yisigaxa somuthi, simila phansi. Yisona esibekwa emmangweni siginqike sicitshweke ngezinkande (noma izinkanji) kubonakale abasitholayo nabangasitholi.

Labo abasicibe basithola beze neno basondelele enhla nomugqa, ekugcineni ngezansi nomugqa kube ngongavamile ukuyithola lapho eciba. 

See Also

Omi ngenhla kuthiwa usedala kanti ogcine ngezansi kuthiwa usethukwini.

Ukucupha izinyoni

Izinyoni zazicushwa ngenomfi nangezife. Namanje abafana kwezinye izindawo basazicupha izinyoni.

Lapho kucushwa ngenomfi kunindwa inomfi ezindaweni lapho kucatshangwa ukuthi izinyoni zizohlala khona. Ziyothi ziyahlala kanti sezinamathela unomphela.

Nanti lapho zicushwa ngezife kufuneka inhlava, intethe, inhlwa kudla kubekwa phakathi nendawo othini oluthintene noluseke itshe noma okunye okudliwayo okungahawukelwa yizinyoni. Lokhu ukuze ithi ingathi iyathinta inyoni liwe itshe iciphizeke ife noma ilimale kakhulu.

Kuhleziwe kondliwa lapho kucushiwe kubonwa ukuthi ngubani osebambile.

Akusewona umdlalo omuhle ukubulala izinyoni lokhu ezinye zinomsebenzi omkhulu eziwenzela isintu ngezindlela eziningi.

Ukudla iphaphu kutana nomdlalo kwaZulu.

Scroll To Top