AboHlanga ePhalamende abafunde kumaBhunu angazenyezi ngolimi


Asizibuze umbuzo wokuthi sizuzani, uzuzani njengamanje ngokuphawula kabi ngomufi, esethule sengathi thina asisoze safa. njengoba sasibezwa abanye bephawula kabi ezindaweni ezehlukene ngeNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth wesiBili, eseyiwushiyile lomhlaba omagade ahlabayo.
Kuveza noma uziveza ukuthi ungumuntu onenhliziyo embi, nezondayo ngalendlela nokufanele abantu bakwexwaye, bangakwethembi, basexwaye uma beseduzane nathi, uma sisakhuluma amazwi amabi. Kuveza ukuthi siwuhlobo lwaboHlanga, lwabaholi boHlanga abangafuni ukuyivuma ikakhulukazi abangosopolitiki, ukuthi sisasebenzisa imali esiyithanda kakhulu, inkolo ngokweBhayibheli, imfundo neziqu zasema-university ezingokwemimoya yemfundo eyasungulwa ngamakoloni ase-Europe.
Asibobuya nganxanye ngoba kuze kube yimanje asikakangezi ngokwanele kokubalulwe ngenhla, kuseyinqubo yabamhlophe hhayi yaboHlanga, asisaphethe ngempela. Sikhumbule, singalokhu sizikhohlisa futhi kugxile ukuthi ukubusa nokuphatha izwe kwaboHlanga kwagcina ngamaKhosi uShaka, uCetshwayo, uSekhukhuni, uHintsa, uNgqika, uRamabulana, uSoMhlolo eSwatini, uMoeshoe wokuQala namanye amaKhosi kanye naboHlanga bangaleyonkathi, ababengakayamukeli futhi yayingakagxili imfundo, imali nobuKhrestu kubona.
Akesibheke ukuthi emlandweni kuqoshiwe ukuthi eNingizimu Afrika kune-University of Capetown, eCapetown, eyaba ngeyokuqala ukusungulwa ngamaKoloni njengophawu lwemimoya yemfundo yase-Europe yawo, yamakoloni ngowe-1829. Kukule-university osekwafunda, okusafunda, nokusazofunda aboHlanga nosopolitiki abaningi nezinye izinhlanga ezweni nakwamanye amazwe.
Akugxile engqondweni ukuthi yabe ikhona imimoya yemfundo yase-Afrika, eEgypt noma eKemet njengoba yayivele isinayo eyayo iuniversity, ebalwa njengama university amadala, ibizwa ngokuthi Al-Azhar University, ngowe-970 AD,ngaphambi kokuba abase-Europe babe nama university.
Kwanede kwafika abamhlophe nobukoloni base-Europe basehlula. Sagcina sesifunde imfundo ngokwemimoya yabo yobukoloni, esingakayiguquli ngokwemimoya yase-Afrika.
Abanye boHlanga basehluleka ukugqamisa ngisho ulimi lwebele lwase-Afrika lwasemakubo, lwasemaxhibeni njengophawu lokuphonsa esivivaneni nasekubambeni amaqhaza ngokwehlukene abakufundele kugqame bha ngokobu-Afrika, beneziqu zemfundo, ezasungulwa ngabamhlophe ababengamakoloni base-Europe.
Kudabukise uma uzwa noma ubona usopolitiki ikakhulukazi woHlanga ehlaba ehlikiza yonke into enobukoloni phakathi ngisho nalena eyimpilo nentuthuko, ayifumbethe ngezandla mzukwana embathiswa imiyezane yeziqu. Ayigxekwa ngani leyomiyezane yeziqu nentuthuko ngokuthi iwubukoloni, iyingcindezelo kumuntu omnyama.B ese bethi noma athi nakhu engakha ngakho, nali iqhaza engilibambayo, ngokuphonsa esivivaneni semimoya yempilo, yentuthuko yase-Afrika.
Ingoba abavotayo abaziqaphelisi futhi abazikhumbuli izinkulumo zalabo sopolitiki boHlanga abangabaholi bamaqembu uma sekuvotwa. Babavotela, sibavotela ngobuningi babo, phezu kokuba sihlale sibezwa, sibabona bekhuluma izinkulumo ezingakhi futhi ezingenampilo nentuthuko kowoHlanga. Bangamaqembu aphikisayo engabe bayakuguqula ukuba ngamaqembu aphikisayo kodwa babengamaqembu anamagalelo, amaqhaza abawabambile empilo nentuthuko engokwemimoya yase-Afrika, esiyibona ngamehlo singaboHlanga.
Balelwe ukufaka isikompilo lemfundo mayelana nezomthetho, nenhlalo yabantu, nezempilo nokwelapha, nezolimo, nezenkolo, nezomnotho yangokwemimoya yase-Afrika kwabase-Europe namanye amazwe njengoba basifundisa eyabo imfundo sazenyeza ngeyethu imfundo, salibala ukubukisa sithi babenayiphi aboHlanga bakithi.
Kufanele ngabe sebakusho kudala, mzukwana beqala ukusungula amaqembu epolitiki. Sekungaba ukuzenzisa sengathi bakhathalele aboHlanga. Kuyacaca ukuthi basungula amaqembu befuna impilo nentuthuko yabo, yemindeni, yezihlobo nabangane babo nje kwaphela.
Kwangihlaba umxhwele futhi, ukubona ezindabeni kwithelevishini, uMnu uF.W de Klerk owayengumengameli wezwe, ethula inkulumo ngolimi lwebele isiBhunu sakubo nangolwesiNgisi, evalelisa ephalamende mhlaziyisishiyagalolonye kuMandulo ngowe-1997. Pho behlulwa yini osopolitiki boHlanga. Bayenqena ukuhumusha nokutolika inkulumo yabo.
Kuyatshengisa ukuthi amaBhunu yize angafunda kangakanani, abe mayikayika amajazi emfundo noma iziqu zemfundo, awakhohliwe ukukhuluma ngolimi lwebele ngisho nasephalamende. Kungakhathalekile ukuthi kukhona abangezwa ukuthi athini kodwa asuke eqondise ikakhulukazi kumaBhunu akubo.
Into elula engabe kade sababona beyenza uma bekhathalele aboHlanga, futhi bafuna kube ngaboHlanga abezwayo inkulumo yabo abayethula ngolimi lwebele uma bengabesabi abamhlophe baseNingizmu Afrika nabase-Europe, okuyibo abaphethe izwe.
Kungakuhle ukubona, ukuzwa aboHlanga kabili ngenyanga kusukela manje ngenkathi bekhuluma besephalemande, bekomasipala bethula izinkulumo ngezilimi zabo zebele, bese beyazihumusha, bayazitolika noma zitolikwe ngabazoqashelwa ukutolika izilimi zaboHlanga nezinye, okungenani.