Kumphindile futhi u-Odinga echithwa
by Bayede News
September 9, 2022
Isithombe: EPA
INkantolo eNkulu yaseKenya ngoMsombuluko ivume imiphumela yokhetho lwangoNcwaba ziyi-9 lapho kwanqoba khona uWilliam Ruto isikhundla sikaMengameli. Isinqumo senkantolo sivunywe ngazwi linye ngabehluleli. Lokhu kuqinisekiswe uMehluleli Omkhulu uMartha Koome, echitha isicelo esilethwe ngumholi weqembu eliphikisayo uRaila Odinga.
