Now Reading
IFULATHELE INDLOVUKAZI YAMANGISI, INTOMBI KAMJOJI
Dark Light

IFULATHELE INDLOVUKAZI YAMANGISI, INTOMBI KAMJOJI

Izolo lishone amaNgisi esebuhlungwini obumangalisayo emuva  kokuguqa kweNdlovukazi u-Elizabeth II kaMjoji  (George VI). Ngesimemezelo seSigodlo iNdlovukazi iphefumulo okokugcina lithambama.

EBukhosini bomhlaba ingendala kakhulu ngeminyaka neSihlalo. Ukwedlula kwayo kusho ikhasi elisha kumaNgisi njengoba ekubuseni kwayo isibeke oNdunankulu abali- 15 kusuka kuNdunankulu uSir Winston Leonard Spencer Churchill. Kuleli sonto ubeke uNdunankulu wesithathu wesifazane uNks uLiz Truss. Ngokohlelo lweCommonwealth, iNdlovukazi yamaNgisi iYinhloko yamazwe angaphezu kwama-50.

Uthathe kuyise uMjoji waba ngohole amaNgisi iminyaka emide njengoba ebuse iminyaka engama-70. Uhambe eneminyaka engama-96.  Ube ngufakazi wezigameko ezahlukene eBritain nasemhlabeni jikelele. Ube yinomfi ehlanganise iNdlunkulu yamaNgisi kanye nezwe njengoba isithunzi kanye nokuhlonipheka  kwakhe  bekwenza bonke abaholi nezinhlaka zomphakathi zilwamukele uholo lwakhe.

See Also

Lithe lishona ilanga kumaNgisi labuye laphakama njengoba kube sekubekwa indodana yakhe uCharles kaPhillip ukuba abe yiNkosi.

Scroll To Top