Inyunyana iphawula ngesimo soMkhandlu



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU) ithi isilindele ukubona iphuma esikhundleni iMeya yeDolobha laseGoli, uDkt uMpho Phalatse. Le nyunyana ithi ivoti lokungayethembi imeya lizokwethulwa maduze emhlanganweni womkhandlu. ISAMWU ithi iyakwamukela ukuxoshwa kukaSomlomo woMkhandlu uVasco da Gama ngesonto eledlule. Inyunyana ibikhuluma nabezindaba eGoli ngoLwesibili.
ISAMWU iyinyunyana enkulu kunazo zonke eDolobheni laseGoli. Manje, icela kususwe esikhundleni iMeya yaseGoli uDkt Phalatse. Ithe lokhu kungenxa yokuthi abaphathi abaholwa yiDemocratic Alliance (DA) bayaqhubeka nokubonisa ukuzikhukhumeza futhi abazicabangeli izidingo zabasebenzi kumasipala omkhulu.
ISAMWU yengeze ngokuthi ikusasa lamalungu abo lincike ekutheni imeya ishiye esikhundleni kuthathwe umuntu ozobheka izinto ezithinta abasebenzi. “Sifuna ukukubeka kucace ukuthi njengenhlangano yabasebenzi, into esibheke ngabomvu akukhona ukuthi yiliphi iqembu lepolitiki elihola idolobha kodwa yiliphi elisebenzela abasebenzi nezakhamuzi ngokufanayo. Siphinde sabona ukuthi kunezingxoxo phakathi kwamaqembu ezepolitiki zokubeka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya, iKhansela uMpho Phalatse…”