Now Reading
Sekuphele iminyaka ongaboni elinde umxhaso kuMasipala
Dark Light

Sekuphele iminyaka ongaboni elinde umxhaso kuMasipala

 

SEKUYOPHELA unyaka wesikhombisa owesilisa wasoBuka, eMelmoth oyimpumputhe ohlala yedwana efukwini elingenaphahla ngenxa yenkohlakalo ethinta amakhansela nezisebenzi ezazengamele uhlelo lwezindlu zomxhaso endaweni.

[button color=”green” size=”big” link=”https://www.pressreader.com/south-africa/bayede/” icon=”” target=”true” nofollow=”false”]QHUBEKA UFUNDE[/button]

UMnu uMadoda Shamase oneminyaka yobudala engama-57  nohlala esigodini sakwaNomponjwana, uthi indlu yomxhaso okwakufanele akhelwe yona yedluliselwa komunye umuntu ngomgunyathi yena wasala encela izithupha naphezu kokuthi wayesenikezwe inombolo yayo kwalungiswa nesiza eyayizokwakhiwa kusona.

“Ngafaka isicelo sokwakhelwa indlu yomxhaso ngowezi-2013 nguMasipala waseMthonjaneni usaphethwe yi-African National Congress (ANC) ngokubambisana neNational Freedom Party (NFP). Kuthe emhlanganweni womphakathi owawungowezi- 2014 ngatshelwa ukuthi isicelo sami siphumelele ngaze nganikezwa nenombolo yayo kwathiwa angilinde ukwakhelwa,” kusho uShamase. Manje uMasipala usuphethwe i-Inkatha Freedom Party (IFP).

UShamase uqhuba uthi ngowezi-2016 kwahlelenjwa nesiza eyayizokwakhiwa kusona le ndlu yomxhaso kwaphinde kwafakwa namapayipi amanzi okumanje kunompompi ozigenqezelayo esizeni.

“Kuthe uma kuqhubeka isikhathi ingasakhiwa indlu yami nganikela kowayelikhansela ngaleso sikhathi, uMnu uZincume ngiyobuza ukuthi ngabe sekubambeni naye wazihlangula ethi kuzomele ngixhumane noNks uNikeziwe Zulu okunguyena owayengamele lolu hlelo lwezindlu,” kusho uShamase.

Uthi zamdumaza izmpendulo azithola kuNks uZulu.  “Ngimbuza  wangitshela ukuthi ngeke ngisayithola indlu ngoba seyakhelwe omunye umuntu. Wathi isizathu sokwephucwa kwami ukuthi ngisondele kakhulu ngasemgwaqeni nokuthi ngiyimpohlwa,” kuqhuba uShamase. Uthi kwala noma emchazela uNks Zulu ukuthi akasiyona impohlwa nokuthi unomndeni kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Uthi izingane zakhe akahlali nazo njengoba zalandela unina ngesikhathi emshiya ngoba eseyimpumputhe.

“Waphinde wathi esinye isizathu ukuthi ngesikhathi befika kwami kuzoqala ukwakhiwa abangificanga yingakho bathatha isinqumo sokuyinikeza omunye umuntu indlu yami,” kuqhuba uShamase. Uthi usayikhumbula kahle inombolo yendlu yakhe eyayithi-1164. Echaza uthi usegqigqe kwaMasipala waze wagugelwa izicathulo eyocela usizo kodwa lutho ukuluthola.

“Ngikhuluma nje kule ndlwana engiqube kuyona alukho uphahla okwenza imvula izenzele kanti  kwasamaphepha ayenawo ayengubufakazi bokuthi indlu yakhe seyaphuma asacekeleka  phansi ngenxa yezimvula. Uthi njengoba kusebusika amakhaza ayazenzela nemali yempesheni ayitholayo  incane kakhulu ukuthi angakwazi ukuthenga  uthayela wokufulela ngoba kuyona kumele athenge nokudla.

Akuyena yedwa uShamase owaba ngumgilwa wokuqolwa indlu yakhe yomxhaso ngisho nasemphakathini waseNtembeni okuyisizwe esingaphansi kweNkosi uThandazani Zulu kukhalwa esifanayo nesasoBuka ngaphansi kweNkosi uChakide Biyela.

See Also

Omunye umthombo wapotshozela iBAYEDE ukuthi izindlu zabantu bezidayiswa ngemali esukela ezi-R3000 kuya kuya ezi-R6000. Yingakho eminye imizi uyithola ishaya ngezindlu zomxhaso ezine kuya phezulu  umuzi ngamunye.

IMeya yaseMthonjaneni  uMnu uSibongiseni Biyela, ikhuluma neBAYEDE yavuma ukuthi iyalwazi udaba lukaShamase nokuthi useke waya nethimba lakhe eyozibonela isimo aphila ngaphansi kwaso. Yaphinde yathi miningi  iminyango azama ukungqongqoza kuyona ngenhloso yokuba kutholakale uMsamariya ongusomabhizinisi ongaba nesihawu sokuxhasa ngezimali ukuze kwakhelwe uShamase indlu ehloniphekile.

UBiyela wathi nabo akukho abangakwenza ngoba le nkinga yenzeka uMasipala ungekho ngaphansi kwabo. UMnu Bhodloza Sibiya ongumakhelwane wakhe uthi nabo bayazama ukumfunela usizo ngabangamxhasa kodwa abalutholi.

“Besinethemba lokuthi njengoba kade siphuma okhethweni ubaba uShamase uzoluthola usizo. Ngikusho lokhu ngoba osopolitiki bamaqembu ahlukene bebephuma bengena emizini bezonxenxa amavoti benza nezethembiso zokusiza abantu. Kumanje bapatanisa imali yokuthenga ukhethe benomfowabo naye oziholela imali yokugula engimlande ehositela eDalton ngayomqubisa ekhaya kuze kube kuyaphothulwa ukufulelwa kwale ndlu yomfowabo okumele bahlale  ndawonye kuyona,” kusho  uSibiya. Uqhube wathi bacela noma ngubani ongaba nosizo lwanoma nhloboni ukuba eze ngaphambili ukutakula uMnu uShamase osizini abhekene nalo lokungabi nekhaya elinesithunzi. “Singabonga kakhukhulu uma kungavela ongaba nesihe kusize nasi isidalwa sikaNkulunkulu esingenakhaya, esinethwa zimvula sibulawa nangamakhaza,” kuphetha uMnu uSibiya.

Usizo luhlale lwamukelekile ngisho luncane kangakanani; ithonsi nethonsi lakha isichibi sona sakhe amathantala osizo.

Scroll To Top