Amazinyo ayisitha kumuntu kepha yiwo futhi angaveza ubuyena
Nasendulo abantu babekhathazwa yilesi sitha abasifuye emlonyeni. Nanamuhla abantu basakhathazwa yiso. Amazinyo adalelwa umsebenzi omkhulu wokuhlafuna ukudla, nokucoyisa ngamabamba okungacoyisekanga, kuhlanganiswe namathe ngenkathi kuyilokhu kuphenduphenduka emlonyeni, kubondwa ulimi olunjengephini elibonda iphalishi embizeni egxabhayo. Enza umuntu abukeke kahle futhi kuthi noma ehleka ukhangwe wuthotho nje lwamalanda amhlophe anika umlomo womuntu ukubukeka egcwele kahle, kungekho lapho izindebe zomlomo sezizike khona zashona phakathi ezisinini sengathithi yithumbu likhanyiwe.
Akusiyo kuphela lemisebenzi eyenziwa ngamazinyo, enkulumweni yiwona enza izwi ligqame kahle futhi liphume emlonyeni lingabethi makhwela nemilozi noma lishweshweze okwelikamantindane kumbe wona umkhovu ka Vuthela, noma lishweshwezise okwelikaMshefane okwakuthi uma ekhuluma, umlomo usimze ugcwale amathe, eshweshweza ngezinsini zakhe, umuntu angabe esezwa ukuthi umlomo noma yizisini ezikhulumayo. Angithi haze basho abaziyo ukuthi uma unezisini uyizisini zikaMshefane. Asazi ukuthi kwaze kwashiwo njalo nje ngoba uMshefane lowo wayehlala ngokushefa izindevu yini, ukuze phela zingakhalakatheli esiweni esiwumlomo wakhe ongenamazinyo.
Abanezitshako bona iningi labo liyaziqhenya ngazo, kanti khona lokho kuziqhenya sekuwubutha njalo kwabazonda ubuhle. Naso phela isitshako siyamfanela umniniso ikakhulukazi uma kuyintombi, siphelelisa ubuhle bayo. Uyoyifica ishaya imilozi uma ikhuluma, futhi ide ihleka imamatheka, ngoba beyitshela ukuthl isitshako sayo siyayifanela, uma behlelela phela izindaba zabo zothando. Nayo-ke ithwale inyongo nesinye uma izwa amazwi ahlabahlosde nehla njengoju lwezinyosi emphinjeni. Kanti-ke nayo insizwa enesitshako kuhle kwesikaSipho weJuluka, ifaneleka ngempela. Khona uma iyigagu lokuhlabelela nje, ubheka sona isitshako sayo, ungabe usalalela okuphuma ephinjeni layo.
Kubakubi-ke uma umuntu onesitshako esethukuthele, ngoba uyobona nje ngentambo yamathe akhombe phezulu, awatshaka ngesitshako uma esemthunaza lowo amtshakelayo. Kuthiwa ulnzima lemnyama, engabubende bengonyama,” yake yatshakela izithunywa zamaNgisi ezazithunywe kuyo nguLord Chelmsford, ithukuthele ithelwa ngamanzi, amehlo ayo eqhakaze izinhlansi zolaka, kwaze kwaqhatheka eyaseSandlwana, lapho induna yamabutho uNtshingwayo edlula khona ngomkhonto, eseyivimbezele ekamu layo iMicijo eyayivunula ngamabhantshi abomvu ayimicijo, ifaka izimbilijisi kanye namaphathanisi, eyayigibela amahhashi iwahlaba ngezipolo. Yilapho-ke lapho uDabulamanzi ahlehla khona enhla noMzinyathi, ehlehliswa yiyo iMicijo, ngoba uDabulamanzi engayiphakanga impi njengokusho koweSilo uCetshwayo.
Amazinyo lawa mahle uma engakadliwa yimpehlwa nayo eyisitha sawo, abe nesihlava, noma agqwaliswe yintuthu kagwayi wentuthu noma owomlomo ohlanganiswa nenhlaba. Awu, ungavala amehlo uma umuntu esehleka nganjalo! Ungathi yiboni! Uzowafica esegqwalile sengathithi umniniwo uhlala ephuza amanzi anethombonkala. Asuke esewushevu-ke impela uma esenjalo, ngoba konke okwedlula kuwo kuya esiswini kwehla nalelothombonkala, kudaleke ubuthi usuzinyonta, ingani ubuthi sebusemathunjini. Anjalo-ke asuke engasawufanele umlomo!
Amazinyo amabi yilana ayizingxavula kuhle okwawamazimuzimu adla abantu. Wona uwafica esephumele ngaphandle emlonyeni kuhle okwesamfonyo, aze aluphakamise udebe lomlomo olungasenhla. Nabantwana bayambalekela onjalo uma bengamejwayele, bethi unguManjanja odla abantwana. Nayizixheke esengathithi yizihlahla ezinemixhantela kawamahle kakhulu, ngoba ungaziluma ulimi uma udla ngezixheke.
Endulo-ke kwakuthi uma umuntu esevukelwe yilesisitha, noma engabe ayaqaqamba, noma engabe ayamomotha, noma engabe anemigodi yesihlava, babekwazi ukuwelapha athule du, futhi bekwazi ukuwakhipha, hhayi ngodlawu! Babethatha umuthi wesigqumo okhipha izibungu emazinyweni, bawupheke maqede bamumathise lowo ophethwe ngabathakathi. Angithi ngabathakathi laba, okuthi noma beqhuma enganeni elusana, kuthiwe kuphume abathakathi, ngakho njalo ngoba kwazeka ukuthi amazinyo lawa yisitha somuntu. Naye umntwana uzomfica ekhala ubuqanduqandu uma eqhuma abathakathi, ehlala ngokubhibhidlisa umlomo kubhibhidla amathe ayingwebu. Naye uyoze asizakale uma bemphuzisa umuthi oqhumisa abathakathi kahle, noma asiwe kodokotela ukuba ayokwelashwa anikwe namaphilisi nemithi engamanzana ekwenza kungabibuhlungu ukuphuma kwabathakathi.
Kwakuthi angamumatha, kumbe ahogele intuthu yawo uma uyisikhuni, futhi ede egquma ngawo uma uphekiwe, kuthiwa izibungu ezazisemazinyweni zaziphuma ziqathake phansi, kube useyasinda njalo umuntu. Babenayo futhi abadala imithi eyisixegiso ababexegisa ngayo amazinyo, kuthi lowo ophethwe ngamazinyo uma ewumumatha lowomuthi wesixegiso, avele nje azixegele, aziqathakele ngokwawo.
Amazinyo ayeziphumela ngokwawo ebantwaneni ayenikwa uKholwakholwane. Kuthiwe uma izinyo noma amazinyo ephumile kuthiwe umntwana akagijime ayokuma egqumeni, athi:
Kholwakholwane,
Thath’ izinyo lami elibi,
Unginik’ elakh’ elihle!
Abeselithiji ngemuva kwakhe lelo zinyo elibi, angabheki emuva, ngoba kwakuthiwa uma eke wabheka emuva, kuyomila amanye futhi amazinyo amabi.
Noma-ke nabo abantu basendulo babengakwazi ukugcina amazinyo ehlanzekile njengabamanje asebesebenzisa izinhlobonhlobo zemithi yamazinyo neyokuwageza ngezixubho njengawo-“Colgate”, nawo-“Close-Up”, nawo-“Aquafresh”, neminyeke emagamagama, ngisho nezixubho zezinhlobonhlobo ezizingqokolo nezithambileyo, kodwa babekwazi ukuthi ngemuva kokudla kumelwe ukuba baxubhe, bavungule amazinyo ngezinti zomshayelo.
Naphezu kokuba amazinyo enemisebenzi ebalulekile kumuntu, naphezu kwezindlela esezikhona manje zokuwavikela ekuboleni, ahlala eyiso isitha somuntu, ngoba uma likuphethe, liqaqamba, linkenketha lingadlali, uzokwenza imihlolo yemigilingwane ongeke uyenze uma lingakuphethe. Uzobamba umlomo uwuthi ngcl, wenzela phela ukuba kungangeni umoya obandayo ngomlomo oliqaqambisayo elibuhlungu, kwedlule kungabingcono.
Uthathe iduku uzithi nki ngalo emlonyeni, kwedlule kungasizi lutho. Ulale ucindezele isihlathi emqamelweni, uvuswe ukushaya komthambo walo, oshaya maqede kuhlakazeke izinhlansi nezinkanyezi emehlweni, uvuswe yilomthambo ongaphansi komthovothi oshaya usiphuke, kwenyuke ngalona ohamba enhlafunweni oya ekhanda, kusiphuke izinwele, nekhanda nalo liqale ukushaya phakathi okhakhayini. Kuthi uma uphuza amanzi, athi ngqo kulo leli elibuhlungu, ugxume ubheke phezulu kuhle okwesixhumo senyamazane, selinkenketha. Uthi uphuza itiye elishisayo, nalo lithi ngqo kulo leli elinkenkethayo kumbe elimomothayo, kuthi hlanya-ke manje. Lapho awusakhulumi usumumuza nje sengathithi unomthamo wezinkobe emlonyeni ongavumi ukwehla ngomminzo.
Ukudla okubandayo nokushisayo sekuyisitha kuwe. Konke kushaya ezinyweni elibuhlungu. Ukunkenketha kwalo kume ngezinyawo, nawe ume ngezinyawo. Ebusuku khona awubulali ubuthongo awubuthi hluthu! Uze ugcwale indlu yonke, uya enhla uya ezansi. Uqwashe kuze kuse juqu! Uvuke uhlale ngezinqe ze phansi. Usukume uthi ngcwi ume ngezinyawo. Ujuluke ube manzi phici! Ubathe uthi uthatha isipilidi uyasimumatha, lithi ukudamba, kuthi bungaphela ubuthi baso, livuke lime ngezinyawo esengathi liyakubuza ukuthi ubulidakisa ngesipilidi nje, wazi lidakwa yini?