Now Reading
Uzotshalwa ezikoleni umlando nobumqoka beSILO neSihlalo
Dark Light

Uzotshalwa ezikoleni umlando nobumqoka beSILO neSihlalo

Izikole ziyizikhungo ezimqoka ekusabalaliseni ulwazi ngezilimi ezahlukene kanjalo nakubafundi beminyaka namabanga ehlukene. 

Kube ngalesi sizathu iningi labantu lamukele ngentokozo isinqumo sikaMphathiswa weZemfundo KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uMbali Fraser sokuba izikole zonke esifundazweni zenze izinhlelo zokubungaza nokuhlonipha ISILO kulandela ukungena kwaso esibayeni ngempelasonto.  

Lokhu kusho ukutshalwa komlando ngeSILO kanye neSihlalo.

Ekhuluma nelaboHlanga uMphathiswa uthe “ Njengo Mnyango siba yingxenye yokuhalalisa nokuhlonipha oNgangezwe Lakhe. Lokhu sikwenza ngoba okwenzekile kuwumlando omqoka  kusifundazwe sethu noyofundwa yizizukulwane ngezizukulwane,” kusho uMhlonishwa.

Ngokwezinhlelo zomnyango uLwesibili wamhla zingama-30 kwephezulu zonke izikole zizolindeleka ukuba ziqhamuke nezinhlelo zokubungaza nokuhlonipha iNgonyama eseSihlalweni. 

Lezi zinhlelo zizobandakanya othisha, abafundi nabasebenza ezikoleni bonke abagqugquzelwe ukuthi ngalolu suku bavunule.

Ubudlelwane phakathi koBukhosi nomnyango buqale ngesikhathi sokubusa kukayise weSILO esibusayo uBhejane nobesebenza kakhulu nomnyango ekugqugquzeleni imiphumela emihle kamatikuletsheni. 

Ngesikhathi sikaBhejane bese kulisiko ukuthi uma sekuyiwa ezivivinyweni zokugcina abe nomhlangano nothishanhloko bazo zonke izikole. 

See Also

Wayengagcini lapho njengoba kwakuthi uma sekuphuma imiphumela Omdala abe khona ukuzohalalisa. Kulokhu uMhlonishwa uthe: “Siqhubeka lapho kushiye khona ISILO esidala, siyazibophezela nakulesi esibusayo ukuthi sizobambisana ekuthuthukiseni ezemfundo kweleNdlovukazi uMthaniya. ISILO esidala sabe siyisishabasheki sezemfundo esabe singagcini nje ngokukhuluma kepha esasinikela ngesikhathi  nezinsiza ukuze imfundo yezingane zethu ibe ngcono,” kusho uMphathiswa.

Okuqalwa ngumnyango kubukeka kuzoqhubezela  isasasa elingeSILO esisha nesithathwa njengesisethubeni lokuqhubeka lapho uyise agcina khona  ekuphakamiseni igama likaZulu ezizweni, ekuthuthukiseni amasiko nomnotho wasemakhaya  nokubuyisana kwezinhlanga ezahlukene. 

Okunye osekuyizimpawu ezibonakalayo yikuthi ISILO esisha sinogazi entsheni nokukhomba ukuthi intsha eningi izosondela kulokho okungumlando namasiko ayo. 

Umphathiswa uphethe ngelithi: “Ngiyazibongela izingane kakhulukazi ezizokwazi ukuxhumana nomlando oyifagugu lethu sonke. Nami qobo ngangisemncane mhla kuhlala iSILO esidala eminyakeni engama-50 eyedlule ngakho ukuba yingxenye yomlando ophilayo namuhla kwenza ngifikelwe wukuziqhenya, angingabazi ukuthi nakuzo izingane nothisha kuzoba njalo.”

Scroll To Top