Now Reading
Ubugebengu kuthiwa budla lubi endaweni
Dark Light

Ubugebengu kuthiwa budla lubi endaweni

Ubugebengu kubukeka kuyinto engasoze yaphela, kwazise kuhlezi kubikwa ngayo nsuku zaphuma kodwa isixazululo sokubunqanda asiqhamuki.  Ngenxa yabo njalo ubigebengu ezinyangeni ezimbili ezedlule kwaphoqwa ukuthi kuvalwe  umtholampilo osePhilippi Browns Farm eKapa ngemuva kokuthi abasebenzi bagetshengwe iqembu lezigelekeqe.

Ezinye zalezi zigelekeqe zilinganiselwa eminyakeni yobudala eli-14. Abasebenzi basemtholampilo bebehlezi bebekezelela ukugetshengwa. Kodwa ngoNhlangulana abakwazanga ukuqhubeka nokubekezela kwadingeka bavale iminyango yasemtholampilo. Intsha yakuleya ndawo idume kabi endaweni kanti kusolwa ukuthi ihlezi ifika iyiqulu izoduna izimoto.

Ilungu lomphakathi uZusakhe Manzana uthe abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-14 no-16 kanti kuyacaca ukuthi basetshenziswa abantu abadala ukwenza lobu bugebengu.

“Kumele senze okuthile, kungenjalo izogcine ingekho intuthuko nezinsiza zokusebenza endaweni yethu. Siyabazi abenzi bobubi okumele sikwenze ukuyisa amagama abo emaphoyiseni.” kusho uManzana.

Esinye isakhamuzi sithe uma nje abazali bevikela izingane zabo eziyizigebengu angeke bunciphe ubugebengu endaweni.

“Sinabazali abavikela izingane zabo. Bayazi ukuthi izingane izona ezenza abantu besabe e-Philippi Browns Farm, kodwa bathule. Sekuyisikhathi sokuthi kube khona esikwenzayo. Izimpilo zethu azikwazi ukulawulwa yilezi zingane” kusho lesi sakhamuzi.

Izakhamuzi zase-Philippi ziyaqhubeka nokuhlupheka ngenxa yamacala azo lezi zigelekeqe.

Njengoba uvaliwe lo mtholampilo abantu bakule ndawo abakaze bathole usizo lokwelashwa.

See Also

Khonamanjalo abantu abakwazi ukuthola izimoto uma befuna ukuya emsebenzini ngoba abashayeli abangeni kule ndawo ngenxa yokudunwa kwezimoto. U-Uber no-Bolt nabo bayenqaba ukuza endaweni. UColonel Siphiwo Sithonga ukuqinisekisile ukuthi ubugebengu kule ndawo kwenziwa izingane zesikole.

“Sihlela ukubavakashela ezikoleni ukuze sibatshele ngobungozi bokuba nerekhodi lobugebengu elizohlala kubo impilo yabo yonke. Siyabadinga abazali namalungu omphakathi ukuthi basebenzisane nathi, singakuqeda lokhu uma sibambisana,” kusho uSithonga

Uqhube wathi esikoleni intsha ibukeka imsulwa futhi umuntu akasoze acabanga ukuthi ibona abasabisa umphakathi.

Scroll To Top