Now Reading
Bahlalele ovalweni abakhele isiqiwi iHluhluwe Mfolozi Park kulandela ukweqa kwezilwane
Dark Light

Bahlalele ovalweni abakhele isiqiwi iHluhluwe Mfolozi Park kulandela ukweqa kwezilwane

Imiphakathi ehlala ezindaweni ezakhelene nepaki iHluhluwe-Imfolozi enyakatho yeKwaZulu-Natal ithi ihlalele ovalweni kulandela ukweqa kwezilwane eziyingozi. 

Esigamekweni sakamuva kweqe obhejane ababili abamhlophe. Omunye wabe usutholaka ngoLwesithathu. Okhulumela abeZemvelo KwaZulu-Natal Wildlife uMusa Mntambo utshele abezindaba  omunye wobhejane uboshiwe. Wathi kusadingeka ukuthi baqinisekise ukuthi omunye ubhejane ubuyile esiqiwini.

UMntambo uthe ubezama nokuthola ukuthi owesifazane oneminyaka engu-45 ubudala womphakathi oseduze walimala kanjani ngesikhathi kuphunyuka obhejane. 

“Imibiko iveza ukuthi uwile ngesikhathi ebalekela ubhejane odutshulwe yilungu lomphakathi ujomba” kusho uMntambo. UMnuz Msizi Myaka, wekomiti lomphakathi Okhukho naseNqulwane, uthe kumele kube khona abakwenzayo abantu bakule ndawo ngoba obhejane abamhlophe babonakale eduze kwezikole ezimbili.

“Sibone ubhejane omnyama obuqhele ngamakhilomitha angu-200 ukusuka ezindlini ngoLwesithathu” kusho uMyaka. Ubhejane omnyama awuzange ubanjwe yize ubuthungathwa ngendiza  enophephela emhlane. 

 “Kuthatha isikhathi eside ukuthi ubanjwe ubhejane, ngalo umphakathi kufanele wenze okuthile. Sizozama ukuthi senze indlela yokuwuvikela. Ngeke sibasole ngokuthi bebeyidubula ngoba ayikho enye into abebengayenza. Sinxusa iziphathimandla zezilwane zasendle ukuthi ziqinisekise ukuthi izilwane zasendle aziphunyuki esiqiwini. Babeka engcupheni izimpilo zamalungu omphakathi walapha.” kusho uMyaka. 

See Also

Uthe inyathi nayo isanda kuphunyuka yabonakala ibanga elingu-1km lapho kwabulawa khona izindlovu ezintathu oLundi ngo-2020. 

Encwadini ayibhalele uSihlalo we-Ezemvelo uLydia Johnson osanda kuqokwa, uMyaka uthe: “Kuyadabukisa futhi ubudedengu obukhulu ukuthi izilwane zasendle zilokhu zeqa eHluhluwe-Imfolozi Park lokhu sekubeke impilo yabantu engcupheni.”

Encwadini uthe kuthunyelelwe indiza enophephela emhlane ngemuva kwamahora angu-21 ibaleile inyathi yangatholakala

Scroll To Top