Now Reading
IDA nomkhankaso wokugudluza uMakhura eGauteng
Dark Light

IDA nomkhankaso wokugudluza uMakhura eGauteng

IDemocratic Alliance eGauteng isiveze izinhloso zayo zokwethula isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu uDavid Makhura. Leli qembu lithi akathweswa icala ngezinga eliphezulu lobugebengu esifundazweni, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nobubha.

 I-DA ithi izokwethula isiphakamiso sokungethenjwa kwesiShayamthetho ngoMsombuluko. 

Umholi weDA esifundazweni uSolly Msimanga uthe, “UDavid Makhura kanye ne-ANC bavunyelwe ukuthi babaleke ngaphandle kokuziphendulela. Sizibonile izinto ziba zimbi, ubugebengu budlondlobala ngezinga elesabekayo, noma ngabe ukhuluma ukubulala, ukuduna imoto, ukuhlukunyezwa kwabesifazane, iGauteng iphezulu.” 

Leli qembu lisole uNdunankulu ngokwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe lathi akakhishwe esikhundleni. Lithi lizophokophela ukuthi ivoti lenziwe kusetshenziswa ivoti eliyimfihlo njengoba likholelwa ukuthi i-ANC) esifundazweni ayisalele emuva ngokuphelele kuMakhura.

See Also

Khonamanjalo, i-ANC esifundazweni isibize lesi senzo njengento ewubala. I-DA esifundazweni isiphinde yaphakamisa isiphakamiso sokungabethembi uNdunankulu uDavid Makhura. Iqembu lithi lokhu kungenxa yokwehluleka kukaMakhura ukubeka izinto obala nokuziphendulela phezu kwemizamo eminingi yokuthi imibiko mayelana nophenyo oluningi idalulwe. 

UMsimanga uthi le mibiko ihlanganisa leyo emayelana ne-Alexandra Renewal Project lapho izigidi zamarandi zingaziwa ukuthi zashonaphi, ukucwaningwa kwamabhuku okuthenjisiwe kwezikhulu eziphezulu kanye nemibiko yezinhlelo zokuvikela iPersonal Protective Equipment kanye nezinhlelo zokukhucululwa kwendle ezenziwa eminyakeni emibili edlule.

Scroll To Top