Now Reading
I-Operation Dudula isaqhubeka nemikhankaso yayo
Dark Light

I-Operation Dudula isaqhubeka nemikhankaso yayo

Amalungu ophiko lwe-Operation Dudula amashele ezitolo nasezindaweni zokugcwalisa uphethiloli eKapa ngoLwesithathu, efuna baxoshwe abasebenzi abasebenza kulezi zindawo abadabuka kwamanye amazwe.

Leli qembu lihambise ama-CV abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi ezindaweni zokusebenza lathi kumele baqashwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa. Intsha engasebenzi iqunge isibindi yangena yajoyina amalungu ama-200 e-OperationDudula efuna imisebenzi eKraaifontein.

U-Athini Thwalani, 21, ubephakathi kwentsha engasebenzi. Ngaphandle kwegama lakhe, iminyaka, nekheli, iCV kaThwalani ibingenayo imininingwane.

“Anginawo umatibuletsheni kodwa nginalo iriphothi lebanga le-11. Sekuphele iminyaka emithathu ngihleli ekhaya. Angikaze ngithole umsebenzi. Yingakho ngithathe isinqumo sokujoyina le nhlangano (Operation Dudula).” kusho uThwalani.

UDaniswa Jaxa, ongunobhala wegatsha laseKraaifontein, uthe lo mbutho usudlulisele ama-CV ezinkampanini eziyisithupha. U-Jaxa ukhulume kakhulu ngokuthi “Isikhathi sokuthi izinkampani ziqashe abantu bakuleli. Abantu bayayaluza. Ngomhlaka-19, silibangise eStrand. Abokufika kumele baxoshwe kuleyo misebenzi babuyele emazweni abo ukuze balungise umnotho wabo. Izingane zethu zidinga imisebenzi.” usho kanje.

Inqwaba yezakhamizi zaseKraaifontein iqunge isibindi phezu kwemvula ebinamandla, yangenela imashi ye-Operation Dudula.

“Sikhuluma ngabasebenza ngophethiloli, onogada, abasebenza ngokwakha. Lena iyona mimisebenzi esiyilwelayo ngoba ingeyethu. Asinankinga nodokotela waseCuba ofika lapha asize abantu bakithi. Kodwa akufanele bathathe imisebenzi yethu ephansi. Sizobuyela ezinkampanini ezinsukwini eziyisikhombisa nezikhulu zoMnyango wezaseKhaya namaphoyisa.” kusho uDaniswa.

See Also

Uthe i-Operation Dudula inamagatsha eFish Hoek, Kraaifontein, Stellenbosch, Strand, Mfuleni, Gugulethu, Khayelitsha, naseNyanga.

“Ngesonto eledlule, sethule elinye igatsha ePaarl. Bonke abantu obabona lapha badonsa kanzima. Ubuhlungu bokuphelelwa umsebenzi buphoqe ukuthi bashiye izindlu zabo bahambe emigwaqweni kule mvula. Balapha ukuze bathole imisebenzi, futhi baqinisekisiwe ukuthi bazoyithola imisebenzi uma izinkampani zibaxosha abasebenzi bakwamanye amazwe. Impilo yabo izoba ngcono.” kubeka uDanisa.

UDanisa uthe wagcina ukuhola eminyakeni eli-12 edlule. “Ngagcina ukuthola umsebenzi ngo-2010. Ngangingu-cashier egaraji lapha eKraaifontein,” usho kanje. Iqembu belimamatheka ngemuva kokuthi uDanisa elithembise impilo engcono.

Scroll To Top