Ikhulunyelwa phansi eyomhlangano kaBiden noXi Jinping



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uJoe Biden waseMelika uthe kungenzeka ukuthi ahlangane nozakwabo waseChina uXi Jinping ngenyanga ezayo eSan Francisco yize lo mhlangano usakhukunyelwa phansi. “Awukho umhlangano onjalo ohleliwe, kodwa kungenzeka,” kuphawula uBiden ngeledlule.
I-White House iphezu kwezinhlelo zokuhlela umhlangano wobuso nobuso phakathi kukaBiden kanye noMongameli Xi Jinping ngenyanga ezayo eSan Francisco, kusho izikhulu zaseMelika, kodwa bona noBiden baxwayisa ngokuthi izinhlelo azikaqinisekiswa.
UMSUKA:
Ithimba likaBiden selisebenze izinyanga ukuze lizame ukuhlanganisa laba baholi njengomcimbi obalulekile phakathi nenkundla ye-Asia Pacific Economic Cooperation ezoba seSan Francisco kusukela ngoLwezi zili-11-17.
Kepha izikhulu ethimbeni lika-Biden nezaseMelika zixwayise ngokuthi isikhathi nendawo yomhlangano nezinto okuzoxoxwa ngazo akukaphothulwa. IWashington Post ibike ukuthi izinhlelo zengqungquthela yaseSan Francisco “ziqinile impela.”
YINI ESENGCUPHENI:
Izikhulu zaseMelika zibona umhlangano ubalulekile ukusiza ukupholisa ubudlelwano osebukhule buvivinywa eminyakeni yamuva nje, njengoba kuqubuka ukungezwani ngeTaiwan kanye nokukhula kwenani kwamasosha aseShayina oLwandle LwaseNingizimu China.
AmaShayina anqamule ukuxhumana kwezempi okusetshenziselwa ukudambisa ukungqubuzana phakathi kwala mazwe womabili ngemuva kokunqanyulwa kobudlelwano kulandela ukuvakasha ngoNcwaba wezi-2022 kowayenguSomlomo weNdlu waseMelika uNancy Pelosi eya eTaiwan okwacasula iChina.
Ubudlelwano buye bawohloka ekuqaleni kwalo nyaka lapho ibhalunde laseShayina – izikhulu zase-US ezilibize ngebhalunde lokuqapha eliyinkimbinkimbi – lindiza phezu kwe-United States futhi ekugcineni ladutshulwa yindiza yezempi yaseMelika.
UMONGO:
UBiden noXi bagcina ukuhlangana ngowezi-2022 ngesikhathi sengqungquthela ye-G20 esiqhingini sase-Indonesia i-Bali. UNobhala Wezohwebo wase-US u-Gina Raimondo, uNobhala Wezwe u-Antony Blinken, uNobhala WoMgcinimafa uJanet Yellen kanye nesithunywa sesimo sezulu ethimbeni likaBiden uJohn Kerry baye eChina kulo nyaka befuna ukubhekisisa kahle ubudlelwano nokuqinisekisa ukuxhumana okuqhubekayo.
Amathuba engqungquthela eno-Biden kanye no-Xi aphakathi kwezihloko okwaxoxwa ngazo lapho umeluleki wezokuphepha kuzwelonke eWhite House uJake Sullivan ehlangana eMalta ngenyanga edlule noNgqongqoshe Wezangaphandle waseChina uWang Yi.