Umbango waBantwana uMvayiza noMagadavu



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
UMntwana uMsenteli iNyonebomvu, owayaziwa kakhulu ngokuthi uMvayiza emashobashoba wayengowaseNkungwini isibaya sakhe, futhi egqishe neZimbidlezimashoba zikaMadlaka Myeni.
Kanti uMntwana uMchitheki, uMadumelana yena owayaziwa ngokuthi “uMagadavu” wayengowaseBanganoma, yena egqishe ngoMkhwishimana.
Uthe esuka uMntwana uMagadavu wayelanda Ukuvuka okungabantu wakuthela ndawonye neBanganoma.
Wabuye wathi ngokubona ukuthi iNkungu imbi, inamandla amakhulu, ingahle izehlule zontathu lezi zibaya zakhe, uMntwana uMagadavu waseyicabangela iqhinga angayehlula ngalo.
Kwathi iZimbidla zizogawula izingodo zesibaya saseBanganoma, uyasuka uMntwana uMagadavu umemezela khona lapho ehlathini ukuthi, kusukela ngalelo langa lzimbidlezimashoba seziyisibaya saseBanganoma.
Kwabuza uMahemu Myeni wathi; “Ndabezitha, ungenza kanjani ukuthatha umuzi ehlathini bese uthi usuwuhlanganise neBanganoma, aBantwana nezinduna zaseNkungwini bengazi lutho? Waphendula uMntwana uMagadavu wathi; “Esengikushilo ngikushilo.
Ngithi iZimbidla sekungezaseBanganoma kusukela manje” Wasethi abathathe izingodo zabo bayokwakha isibaya kwaNcengisekhona. Kuthe uma efika lapho wasenquma iButho likaPhindicala.
KwaNcengisekhona kwakungumuzi woMntwana uZibhebhu awunikeza iNkosazana yakhe uMntwana uNomazulu eyendela iNkosi uSivumo Gumbi emzini wayo waseMvokweni.
Kwathi lapho aBantwana nezinduna aseNkungwini bezwa lesi senzo soMntwana uMagadavu, bathukuthela kakhulu kwasuka umsindo.
Babebuza umbuzo wokuthi angayenza kanjani uMntwana uMagadavu into enjalo bengatshelwanga bona. Pho wayesekwenzile;
“UQili phambana nomkhome
Phansi kwaMafunwase
Umashekefula lonjengenkunzi yezimbube
UMagadavu onjengenkunzi yezingonyama
Untam’ ineziyephu kwabakayise
Ukhokhothi lwenkabi emhlophe yakwaSojiyisa
lsigedlakazi esibanjwa Mpondo zisale”
IMantshi uMashiqeka wayelokhu ebeke indlebe ukuthi kungabi nombango nokuchitheka kwegazi phakathi kwesizwe sakwaMandlakazi.
Kwathi uma sekubonakala ukushuba kwesimo, iMantshi yababizela enkantolo kwaNongoma. UMandlakazi waphelela ngezinkani izibaya zonke zakhe zempi.
INkungu yonke ihamba noMntwana uMvayiza. lmantshi yafike yabafundela lokho okwakubhalwe phansi iNkosi uMntwana uZibhebhu ngenkathi ewaba umuzi wakhe esaphila.
IMantshi yabatshela ukuthi iSihlalo soBukhosi bakwaMandlakazi akusona esabo bobabili njengoba sebesibanga, kepha umnikazi waso kubhalwe ingane yokaMatshana, egama layo uBhokwe.
UMntwana uMagadavu wakhonjwa iNkosi uMntwana uZibhebhu ukuba abambele leyo ngane. Ngale nkathi kuphuma isinqumo esilahla uMntwana uMsenteli, wadingiswa kwaNongoma ngoba kubonakala ukuthi izwe lizogcwala amanzi.
IMantshi yamdingisela eNgudwini endaweni yoMntwana uNoqandela kaMthonga phansi kwesifundankantolo sasEkhowe. Wahanjiswa nedlanzana lamadoda kanye nezingane zakhe. Kwathi bonke labo ababemeseka iMantshi yathi iyababopha bazoyodonsa isigwebo saba emtateni eThekwini.
Kwathiwa bazokwethula balayishe izimpahla emkhunjini. Ziboshwa nje lezi zinsizwa zazifunge phakathi eNkantolo phambi kwayo iMantshi zathi; “Okungcono kungabhuza izimpukane eziluhlaza lonke leli laseMsebe”.
Bonke laba ababakhe eMsebe bathi bona bafuna uMntwana uMsenteli. Kwathi uma bezwa leso sinqumo esaphumayo sikhishwa iMantshi uMashiqeka, ilahla uMntwana uMvayiza amadoda amadala akhala izinyembezi zehla zathi mmi khona phakathi eNkantolo.
UMntwana uNcikancika kaMaphitha wayitshela iMantshi khona phakathi eNkantolo wathi, bona beyiNkungu babamba elentulo. Ngakho uma uMntwana uZibhebhu wayeshintsha lokho ayebatshele khona kwakufanele ababikele.
Wasakha umuzi wakhe wawuqamba igama wathi kuKwabambelentulo. Zaziphelele zonke izingwazi zaseNkungwini ezazeseka uMntwana uMvayiza. Kwakukhona uMgwazi kaBhambatha eNkalakuthaba, kukhona uGqigqa kaMaletshana eNkungwini, kukhona uMvukuzane kaYeyeza, kukhona uMagcekeni kaMqubula.