ULittle Tuk uqhubeka nokuba wusizo
Umfanyana uLittle Tuk wayengumuntu oweyenza izinto ezingajwayelekile njengoba kwavela esigabeni sokuqala sohambo lwakhe. Ngelinye ilanga washiywa ekhaya ukuba anakekele udadewabo igama lakhe okwabe kunguGustava. Udadewabo wayemncane kunaye ngeminyaka. Kwakumele kube khona izinto ezimbili ezenzekayo ngaleso sikhathi, kodwa zizengenakho ukuhambisana. Lo mfanyana wayehleli nodadewabo emgonile, emculela wonke amaculo ayewazi.
Ngesikhathi ecula wayede ethi nhla emsebenzini wakhe wesikole wesifundo seGeography ngoba kwakumele ukuthi ngakusasa ebe esewazi wonke amagama amadolobha eSeeland, asho nakho konke akwaziyo ngawo ngaphandle kokufunda phansi. Unina wafika ekugcineni wathatha udadewabo omncane eGustava wamgona.
Ngaleso sikhathi uTuk wagijimisa okwenhlamvu waya ewindini lapho wafike wafunda kwaze kwanqundeka amehlo ngoba kwase kuhwalala, kanti nonina wayengenayo imali yokuthenga amakhandlela. “Nango owesifazane osekhulile ehla njalo ngomgwaqo,” kusho unina, elunguza ngaphandle ngewindi. “Kuyabonakala ukuthi uyazihudula, uyadabukisa, manje sekumele aqukule umthwalo umthwalo esuka nawo lapho ebewashela khona aye nawo ekhaya. Yiba umfana ohloniphayo, Tuk mfanyana wami, phuthuma uyosiza lona wesifazane, angithi uzokwenzenjalo? ULittle Tuk wasukumela phezulu wayosiza lona wesifazane owayesindwa umthwalo.
Ngesikathi esebuyela kubo kwase kumnyama, futhi namakhandlela ayengekho kubo, singekho nesidingo sokukhuluma ngawo nokufisa ukuthi ngabe akhona. Okwakumele akwenze yena ukuyozishutheka embhedeni wakhe omncane owawakhiwa ngezinto ezindala eziyizinsalela zokuthile. Ngesikhathi esalele wayecabanga ngesifundo igeography yaseSeeland nakho konke okwakumele akwazi njengomyalelo kathisha wakhe.
Wayengeke esakwazi ukuphinde afunde incwadi, ngoba ngokomthetho, kwakumele engabe useyiqedile. wabe esethatha incwadi yegeography wayifaka ngaphansi komcamelo wakhe. Kukhona phambilini owamtshela ukuthi lokho kuyomsiza ukuthi akwazi ukukhumbula konke akufundile, kodwa yena wayengakholelwa kulokho nokuthi kungakwazi ukumsiza. Esalele wathula wacabanga kaningi, kwaze kwafika isikhathi lapho khona wayecabanga ukuthi sengathi kukhona othile omqabula kancane umlomo namehlo. Wayelele engalele ngoba emqondweni wakhe wayebona isithombe salona wesifazane owayemsiza emthelele umthwalo.
Wayebona amehlo akhe ayegcwele ukuthobeka, emuva kungathi uyaswebeza uthi: “Kuzoba ihlazo impela ukuthi kushaye ikusasa ungakasazi isifundo seGeography, Little Tuk. Ungisize kakhulu, manje isikhathi sokuthi ngisize wena, uNkulunkulu wethu uzosisiza sobabili.”
Ngokuphazima kweso amakhasi encwadi ezwakala ebanga okusamsindo ekhanda likaTuk, wezwa nento ethile inyonyoba ngaphansi komcamelo wakhe. “Cluck, cluck, cluck!” kukhala isikhukukazi sisondela ngakuye sasiphuma edolobheni iKjöge. “Ngiyinkukhu yaseKjöge,” kusho yona. Yabe isimtshela ngokuthi leli dolobha elincanyana linezilwane ezingaki yaphinde yamtshela ngempi eyake yabambana kule ndawo, nokunye okuningi eyathi kwenzeka kule ndawo esikhathini esedlule engeke isakubala. Ngokukhulu ukushesha wazibona esegible ihhashi, lagabavula, kwase kuqhamuka inyoni yagxumela embhedeni.
Le nyoni yayiqhamuka ePraesto lapho kwakuyinkundla khona yokudubula. Yayazi izilwane eziningi kuleli dolobha, kwakuyinyoni ezazisayo ibizwa ngoPopinjay. “Angiyona inyoni enhle” kubuza yona. Ngaleso sikhathi uLittle Tuk akasekho embhedeni usegibele ihhashi, ligabavula naye. Wayenqamula ngehhashi edolobheni iVordingbord elaliphithizela. Wahamba waze wadlula inqaba yenkosi yendawo eyayikhanyiswe isibhakabhaka, kukhona nokukhanya okugqamile kuze kuyoshaya emawindini. Konke lokho kwakuphelezelwa umnkenenezo womculo.
INkosi uWaldemar wayehola ithimba lezintokazi zasesigodlweni sakhe ezazidansa naye. Kwabe sekusaya ngokushesha, kwaphuma ilanga, kwashabalala okuningi, kwangabe kusabonakala lapho bekukhona khona amabhilidi, kwasala kuphela ibhilidi elide elalikhombisa lapho bekukhona khona isigodlo senkosi. idolobha elikhulu lancipha laba lincane.
Abafana besikole, ababephuma esikoleni nezincwadi zabo zegeography bezifake emakhwapheni bazwakala bethi, “Izilwanyana eziyizi-2 000, bezilisiza kakhulu leli dolobha kodwa manje azisekho.” ULittle Tuk wazibona eselele eSoro, wase evuka. Kwakuyisekuseni , wayengasakhumbuli okuningi njengephupho lakhe, kodwa futhi kwakungabalulekile ukuthi akhumbule. Umuntu asikho isidingo sokuthi azi ukuthi uma ephila uzobonani.
Waphuma wangqasha embhedeni wafuna incwadi yakhe ngaphansi komcamelo. Wafunda isifundo seGeography wathola ukuthi amadolobha uzwazi njngoba ezazi. Owesifazane osekhulile owayemsizile ukumthwalela impahla wavula umnyangi wathi: Ngiyabonga, ngane yami enhle ngento oyenzile ungisiza izolo. Sengathi uMdali angakusiza kufezeke zonke izethembiso zakho namaphupho akho amahle! Ngiyazi kuzokwenzeka. ULittle Tuk wayesekhohliwe ukuthi yini ayeyiphuphile, kodwa lokho kwakungamkhathazi. Kwakukhona ongaphezulu owayazi konke.