Akukaboshwa muntu ngokusocongwa kukaMengameli uMoise waseHaiti

by Anathi Mtaka
July 9, 2022

Isithombe: EPA

Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
NgoLwesine (izolo) iHaiti iqede unyaka owodwa kwabulawa uMengameli uJovenel Moise, okubulawa kwakhe kwadala igebe futhi kwavumela amaqembu ezigebengu ezweni ukuthi andise indawo yawo futhi athathe ngisho nekomkhulu lezinkantolo zezwe. Amaphoyisa aseHaiti abophe abantu abangaphezu kwama-40, kodwa kuze kube yimanje abengakabophi muntu ngecala lokubulala uMengameli, lapho iqulu labashayasibhamu elihlanganisa ababengamasosha aseColombia ligasele emzini kaMoise ngaphambi kokuntwela kokusa.