Now Reading
Ifuna linyakaze iPhalamende iCope ngombiko kaZondo
Dark Light

Ifuna linyakaze iPhalamende iCope ngombiko kaZondo

ICongress of the People (COPE), ithi uSomlomo wePhalamende kuzwelonke, uNosiviwe KaMapisa Nqakula kufanele abuyise isithunzi sePhalamende ngokuthi athathele izinyathelo amalunga ePhalamende athinteka embikweni kaZondo wokugwamandwa kwamandla ombuso.

I-COPE ithi ubuholi bayo ePhalamende buzovulela lowo owayenguNgqongqoshe Wezokuphepha Kombuso nophinde abe yiPhini likaNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, Wezamanzi Nenhlanzeko uDavid Mahlobo naye othintekayo embikweni wokugcina. UMahlobo uyilungu lePhalamende le-African National Congress (ANC).

Okhulumela iCOPE uDennis Bloem uyachaza ukuthi uWilly Madisha uzovulela lowo owayeyiPhini likaNgqongqoshe uDavid Mahlobo icala lokushushumbisa imali nenkohlakalo esiteshini samaphoyisa eLittleton ePitoli ngoMsombuluko. “Iqembu lizophinde limemezele izimfuno zethu kuSomlomo wePhalamende likazwelonke mayelana nawo wonke amalungu ePhalamende athintekayo embikweni weKhomishini kaZondo. Sithi ngeke kube yibhizinisi njengenjwayelo. Sikholelwa ekutheni isithunzi nobuqotho bePhalamende kumele kubuyiswe. Sizoqinisekisa ukuthi izincomo zeKhomishini kaZondo ziyasetshenziswa.” uyanezela.

OwayenguNgqongqoshe Wezezimali uMnu  uNhlanhla Nene uthi labo abathintekayo embikweni wokugcina wokugwamandwa kwamandla ombuso kumele baphendule ngenkohlakalo abasolwa ngayo. UNene wagawulwa yizembe ngoZibandlela wezi-2015 ngenxa yokwenqaba kwakhe ukubambisana nomndeni wakwaGupta neminye imizamo yowayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma kanye nowayenguSihlalo webhodi leSouth African Airways (SAA) uDudu Myeni. Uthi ukuvela kwakhe phambi kweKhomishini Yokugwamandwa Kwamandla Ombuso kwaba yisinqumo esicacile esadala imibono yakhe ngaleso sikhathi, ukuthi ukungakhulumi kwakungeyona into efanele.

See Also

Ebufakazini bakhe, uNene uveze ukuthi wenqabile ukudayisela iSAA ehambisana nenkontileka ne-Airbus kanye nokusungulwa komzila omusha phakathi kweGoli neKhartoum kwamfaka emabhukwini amabi kaMyeni. Ubekhuluma ngesikhathi kumenyezelwa isikhulumi esizokwethula iSifundo Sonyaka sikaNelson Mandela kulo nyaka. UNene utshele uthe akazisoli ngokuvela phambi kwekhomishini. “Ngibheke ngabovu kokuningi ukuze ngibone ezinye izambulo futhi. Kufanele sibe nesibindi ezweni ukuze sibhekane nezinselelo zethu,” kusho uNene.

Scroll To Top