Now Reading
Ungakuthola okufunayo ngokubekezela empilweni
Dark Light

Ungakuthola okufunayo ngokubekezela empilweni


Lena yimpicabadala yendaba enezigatshana ezinodlame. Sixwayisa kubazali ukuthi bayifunde kuqala ngaphambi kokuba bayifundele izingane


Siyaqhubeka nokucazwa kombusi oMkhulu Wesizwe samaShayina njengoba kwathi emuva kwempi eyashuba kakhulu phakathi kwezelamani zibanga umbuso owawushiywe umfowabo uFuki. Esiqeshini sokuqala sakuveza ukuthi umbango wawuphakathi kukaHako nomfowabo u-Eiko. Zombili lezi zinsizwa zazidle ngamava aqinile kwezempi futhi kungekho owayefuna ukuziphonsela inselelo emabuthweni ayekhona ngaleso sikhathi.

Kusadliwa ngoludala kwakukhona uMbusi omkhulu wobuKhosi baseChina owayethathe uMbuso kumfowabo uFuki. Ngaleso sikhathi kwabe kuwunyaka wokuphila kwabantu abakhulu nabalishiyile igabade. UMbusi uJokwa okwabe kuyigama lakhe naye wayelishiyile igabade. Le ndaba noma inodlame kodwa ikhombisa nisibindi nobuqhawe bokuphokophelela ukufeza lokho osuke unakho ngaphakathi ngaphandle kokuthandabuza. Ingqikithi yayo ingokuvukelwa kombuso owagcina uwele esandleni soyedwa wabo.

Lona owavukela umbuso igama lakhe kwakunguKokai. Uma kukhulunywa ngaye isithombe esifika kuqala kofunda indaba ngesikaGoliyathi waseBhayibhelini owabe eyisidlakela esesabekayo, emude ukwedlula wonke umuntu futhi emzimbeni egcwele uboya owawungaze ucishe umfanise nesilwane. Njengoba sike saxwayisa ekuqaleni yizo lezi ziqeshana ezidinga ukuthi umzali angaveli nje angene endabeni, kodwa akuhluze okunye ngoba hleze kuophazamise ingane emqondweni ngenxa yokwesaba.

Le ngqomondo yendioda yayimmnyama sucu kuthi noma ezama ukuzisondeza kubantu kodwa kube khona ukumesaba. Ngesikhathi sekudlula emhlabeni uMbusi uFuki, uKokai wafikelwa umqondo wokuthi kumele kube nguye othatha umbuso, kodwa zonke izinhlelo ayenazo ngalokho zashabalala., kwase kungena uJokwa esikhundleni, yena wabe engudadewabo weNkosi eyadlula emhlabeni. UKokai wayedinwe kakhulu ngokuthi akazange asithole isikhundla sokuba nguMbusi. ngenxa yalokho wathembisa ukuthi uzolwa kuze kube sekugcineni. Isinyathelo sakhe sokuqala kwaba ngesokuthi uzoqasha uSathane Wamanzi ozoletha izikhukhula ezizoshabalalisa yonke into ezweni. Abantu abahluphekayo bathwala kanzima ngoba izimvula zabakhukhula namakhaya abo. ngesikhathi uMbusi uJokwa ebona lokhu waphatheka kabi kakhulu waze wabona ukuthi konke lokhu kwnziwa uKokai, wabe eseqala impi eyibhekisa kuyena. UMbusi uJokwa wayenamabutho amancane amabili okwabe kunguHako no-Eiko bobabili banengoJenene bezempi. UHoko wayejabule ukuthi nguye ozohola impi futhi wazilungiselela ukuthi uma isiqala abe esemi ngomumo. Wathatha ilensi enkulu eyayizokwazi ukumbonisa konke okwakuqhubeka wayifaka ehhashini lakhe ngesikhathi sekuqala impi. Kwaba khona ukugxambulisana phakathi koJenene bobabili ukuthi ngempela ngubani owayezohola impi. “Yimina okumele ngihole impi. Wena kumele ulandele ngemuva,” kusho u-Eiko.

See Also

UHako wathukuthela kakhulu wathelwa ngamanzi. “Ngikhethe uMbusi oMkhulu ukuba ngihole impi ungake ulinge nangengozi ungiphazamise,” kusho uHako kodwa nomunye waphendula ngoba engayizwa kahle le ndaba yokulandela ngemuva. Baqala balwa ngemicibisholo nangamahhashi abo, konke lokhu kubukwa nguMbusi oMkhulu.

UHako wagcina ngokuba aqokwe ngokuba uKhomanda wempi ehlasela ngaphambili kwesokunxele kwathi u-Eiko waqokwa ukuhola impi ngakwesokudla. Balandela amasosha ayevile ayizi-100 000 bahlasela uKokai. Bangena esigodlweni sakhe bagcina ngokumnqoba. Nakuba sekudlule iminyakanyaka le ndaba yenzeka kodwa uma uhambela lesi sigodi eChina osomlando bakhona bazokulandisa ngokuthi lo mbuso wasunguleka kanjani. Ngokuhamba kwesikhathi sizoqhubeka nokubheka ukuthi emuva kokuhlanganiswa kombusoizizwe zahlukana kanjani, ngoba kukhona ababengahambisani nokuqokwa kuka-Eiko njengoba nanamuhla sihlale sibona kuvukelana imibuso ikakhulukazi esuke ithinta izelamani.

Scroll To Top