Now Reading
Intombazane uBhulibhuli owayethanda izinganekwane
Dark Light

Intombazane uBhulibhuli owayethanda izinganekwane

E

ndaweni eyabe iyihlathi nelincanyana e-India kwakuhlala intombazane encane ogama layo okwabe kunguBhulibhuli. Wayehlala kule ndlu eyiqhugwane nonina. Umuzi wakubo wawuzungezwe izihlahla ezinde okwakungeke kwenzeke nangengozi ukuthi ungaziboni uma udlula ngalapho. Esikhathi sasebusika lapho lisuke libandla likhipha umkhovu ertsheni wayenisela izimbali zakhe ngamanzi asuka emaqabungeni ezihlahla amakhulu.

Kwakuyingane ehlakaniphile futhi engalali njengoba nengama lakhe lisho. Kwakuthi ngesikhathi esithile ahlanbgane nabangani bakhe badabule leli hlathi  ealizungeze imizi yonke endaweni. Wayethanda ukuthi njalo uma evuka ekuseni adonse umoya aphefumuile ngoba umoya wakule ndawo wawuphilisa ungenaso isisi kwazise wawuphuma ngqo ezihlahleni.

 Wayebuye awuhogele zwe iphuma elimnandi elalithaphuka ezihlahleni. 

Kokunye wayesengazihluphi ngokunuka zonke izihlahla wayeseqonda kwesithile kuphela ayesizwa kahle ahlale kuso ajabulele iphunga laso. Ukuvukela kuleli phunga elimnandi kangaka kwakuyiyona ndlela uBhulibhuli ayethanda ukuqala ngayo usuku lwakhe.  Kwakukhona inyoni eyayindiza njalo ngaphazulu komuzi wakubo ifike imxoxele izindaba ezimnandi njengokuthi uheleza kamnandi kanjani umoya wehlathi. komke lokhu likusho nje lisesicongweni sesihlahla. 

Wayebuye amxoxele ngezimpi abuye abe nazo ezindaweni ezihlukene ngesikhathi endiza nangabantu abahlala kulezo zondawo.

UBhulibhuli wayethanda ukulalela izinganekwaner zikaTotaram. Wayesefisa ngelinye ilanga ukuthi kube nguye ohambela lezi zindawo azibonele ngawakhe amehlo ngba le ndawo yayifana nephupho kubo emphakathini waseSenseless Point. Wacabanga ukuthi kodwa ngelinye ilanga kumele akuyeke ukuphupha, mhlawumbe iphupho lakhe liphenduke iqiniso. Wonke umuntu kule ndawo wayekhuluma ngeSenseless Point. Bakhona abantu abaningi emqadolobheni angomakhelwane abesebeke baya kule ndawo kodwa ngakubo akekho noyedwa owake wabeka unyawo lwakhe kuyo. 

UBhulibhuli wayekholwa ukuthi uma kuyokwenzeka ukuthi ngelinye ilanga ashintshe iSenseless Point, wayezobuyisa isigqoko sakhe achazele wonke umuntu ngale ndawo akhula ephupha ngayo eyindida.

See Also

Kwathi ngokunya ukusa le ntombazane yavuka yalinda ukuzwa ukukhala kwekhwela likaTotaram, okuyindoda ayethanda ukulalela izinbganekwane zayo. Waqala ngokuphakela izinkukhu zakubo wase eqoqa amaqanda ayesechanyiselwe. Wabuye wasenga izinkomo ezama ukuhambisa isikhathi. Ebona ukuthi akukho mnyakazo noTotaram akaqhamuki, waqoma ukunikela esikoleni wafica ontanga yakhe ayefunda nabo behleli ngaphansi kwesihlahla esikhulu uthisha ebafundisa. uBhulibhuli wayengazi nokuthi lidumephi kungena ngapha kuphume ngapha engamnakile uthisha. Yena into ayeyibhekile uTotarama owayezomxoxela izindaba ezimnandi. Wagcina engafikanga nesikhathi sahamba, lapho usedlinza kakhulu ngoTotaram ngoba base bakhe ubuhlobo obukhulu emuva kokumvakashela okokuqala.

Le ntombazane yakhula inomzangedwa okungangokuba kwakuthi njalo emuva kwesikole iluqwale ngezinyawo ingene ehlathini ibheka umngani wayo ukuze amxoxele izindaba. 

Wayeke amumemeze ihlathi lonke ebheka ukuthi akekho yini. “Sawubona!. Ukhona lapho ndawana thize Totaram, esho ephindelela ngoba engakholwa ukuthi akekho.

Scroll To Top