Now Reading
Ukuzalwa eBukhosini akuzange kumshintshe kulokhu abeyikho
Dark Light

Ukuzalwa eBukhosini akuzange kumshintshe kulokhu abeyikho

Uhlukile kwamanye amaciko aseNingizimu Afrika okuvamise ngokuthi abeke phambili ukuthi aphuma emindenini yosaziwayo okwenza nendlela yawo eya empumelelweni ibe lula. 

UToya Delazy akadingi kuchazwa kakhulu ngoba ungumzukulu womsunguli weqembu lezepolitiki i-Inkatha Freedom Party (IFP) iNkosi uMangosuthu Buthelezi. 

Ukuyiqinisekisa ukuthi akancikile ekwaziweni komndeni wakhe ngempumelelo kwezomculo nokudansa, eminyakeni edlule wathatha isinqumo sokuyozinza eBritain okuyingxenye yokuzimela nokubhekana nezinselelo zomhlaba. 

Ukucula kusemithanjeni yakhe ngoba yinto yakhona kulo mndeni kusukela kumahubo ayeqanjwa uMntwana uMagogo asazwakala nanamuhla.  Le ntokazi ogama layo langempela okunguLatoya Nontokozo Buthelezi yafika e-United Kingdoma yazitholela uthando kusofa silahlane wayo u-Alisson Chaing. 

See Also

Ngaphambi kokulifulathela leli wayeseqoqe izindondo eziningi, emikhakheni ehlukene okungangokuba eminye imicimbi wayengasakwazi nokuyihambela ngenxa yokuxineka. 

Muva nje bazibule ngengane abayiqambe ngokuthi uKali Lang Chaigneaau-Buthelezi. Ngesikhathi kufika ingane yabo emhlabeni wabhala enkundleni yokuxhumana wathi, “Emuva kwesikhathi unina ezivocavoca, ephulula isisu, ekugcineni uhlanganile nathi wafika kulo mhlaba ngonyaka wezi-2022. Ukuzalwa kwengane yabo kwaqondana nezinsuku zokubekwa kukakhokho wakhe iSilo uDinuzulu kaCetshwayo eSihlalweni nguHulumeni wamaBhunu.”

Scroll To Top