Izingxoxo eziqinisekisa ukuphepha kokudla okuvela e-Ukraine



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amalungu eWorld Trade Organisation (WTO) enze isimemezelo sokuqala sikangqongqoshe eminyakeni eyisithupha nesigamu sokuqinisekisa ukuphepha kokudla phakathi nokukhuphuka kwamanani entengo kanye nokuphazamiseka kwezohwebo kulandela umqedazwe wokhuvethe kanye nokuhlasela kweRussia e-Ukraine. Ongqongqoshe bakahulumeni abavela emhlabeni wonke bahambele umhlangano we-WTO eGeneva, eSwitzerland.
UNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nezokuncintisana, u-Ebrahim Patel uthi baxoxisane ngemiphumela yokuvinjelwa kokudla okwenziwa ezintweni ezibalulekile. “Umphumela wokuvinjwa kokudla wukwenyuka kwentengo yokudla, ngakho ziningi izinto eziholela ekwenyukeni kwentengo, kanti abathengi baseNingizimu Afrika babhekene nengwadla yokudla. Saphuma lapho siyozama ukuthola isivumelwano sokunciphisa futhi uma kungenzeka, kuqedwe le mithetho yokuvinjelwa kwamanye amazwe izinto ezibucayi ezifana nowoyela wokupheka, ukolweni, neminye imikhiqizo engashubisa kakhulu inkinga ezweni elinjengeNingizimu Afrika, elithenga kakhulu kwamanye amazwe, ikakhulukazi amafutha okupheka,” kusho uPatel.
UPatel uphinde wathi iNingizimu Afrika yathola isivumelwano kuWTO sokuvikela izilwandle zezwe ekudobeni ngokweqile. “Okuncane okungatholakala okuzobhekana nokuvinjelwa koxhaso lokudoba okungekho emthethweni, okungabikwanga, nokungalawulwa. Ngakho-ke, yilapho le mikhumbi emikhulu yokudoba ingena khona emanzini ethu, ngaphansi kwefulegi lezwe elithile, elingena emanzini asendaweni yelinye izwe futhi lidobe khona ngokungemthetho. Sike saba nalolu hlobo lwenkinga ngasogwini lwethu, ikakhulukazi emazweni ase-Asia, kodwa futhi neminye imikhumbi yokudoba evela kwelinye izwe lase-Europe,” kusho uPatel.
UPatel uphinde wathi kufinyelelwe esivumelwaneni eWTO eGeneva sokuthi amazwe asathuthuka manje azokwazi ukukhiqiza imigomo yokhuvethe ngaphandle kwemvume yomnikazi welungelo iminyaka emihlanu. UPatel uthi bekumele balwe ukuze bafinyelele lesi sinqumo. “Indawo yokuqala esake sabhekana nayo kwaba ukuhoxiswa kobuhlakani bezakhiwo zeGlobal Treaty eyaziwa ngokuthi iTRIPS. SIthole isivumelwano salwelwa kakhulu. Isiphetho sokugcina sesivumelwano sifike ngezintatha zangoLwesihlanu.”